Wayihabula ekolishi ipolitiki uSomlomo woMsunduzi

2018-05-09 06:01
PHOTO: SITHUNYELWE USomlomo womasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo.

PHOTO: SITHUNYELWE USomlomo womasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

CISHE ukuthi emilandweni eminingi yosopolitiki akuvamisile ukuthi umuntu afike emakolishi amadala okufundela ubuthishela (College of Education) eluhlaza cwe, engazi lutho kahle-hle ngezombusazwe kodwa aqede izifundo zakhe esehabule waze waphenduka isishovushovu somzabalazo.

Owake waba yisekela leMeya kuMsunduzi Municipality nosopolitiki osehlonishwa kakhulu noselisebenzele igama lakhe elikhuphula kwezomzabalazo, futhi nongusomlomo (speaker) njengamanje kaMasipala uNkk Jabu Ngubo akakufihli lokho.

Uthi ukuyoqeqeshelwa ubuthisha kulelikolishi lothisha lodumo laseMgungundlovu kwamvula amehlo, wahabula ipolitiki yangempela ngoba phela kwakukhona iziphekepheke ezase sivuthiwe nezazivela ezifundazweni ezehlukene zaseMzansi.

Uma uhlwayisisa noma wenza ucwaningo ngomzabalazo waseMzansi, isikhathi esiningi kubalwa amanyuvesi afana no Fort Hare, Rhodes, Wits, Ongoye (ukubala nje ambalwa), kanye namanye aphesheya nalapho izinkakha zepolitiki zafunda khona. UComrade Jabu waya kofundela izifundo zobuthishela eNdumiso (manje esibizwa ngeDUT Ndumiso Campus) ngonyaka ka 1991 kuya ku1993.

“Ngifika eNdumiso njengomfundi omusha, ngangiphethe nje ipolitiki encane engangiyithole ngakithi nasekhaya kodwa lapha ngathola izinkakha ezazichithekile ngempela ngomzabalazo.

Amakhomanisi afana no Lamido (Gugulethu-Eastern Cape), Thulani Mabizela no Zakhele Cele, babefana njengothisha bepolitiki kuthina.

Mhlawumbe kukhona ababengazithandi ezomzabalazo kodwa lezikhokho zenza bazithanda,”kusho uNgubo.

UNgubo uthi bona baba ngamalungu okuqala nqa enhlangano yabafundi eyayivutha bhe, iSouth African Student Congress (Sasco). Uthi kwiSasco kwakukhona izingwazi ezazikhuthele futhi zisebenza kanzima ezifana noMathokwane Hlabisa (Sobantu), Sphamandla Khumalo (current Msunduzi Municipality exco member) no Sazi Mbhele.

“Abaphathi bekholiji babengafuni kuzwa lutho ngeSascoc, kodwa sabaphoqa baze basamukela ngenkani.”

Uma ubheka indlela lomholi akhule ngayo futhi efana nje njengamanye amantombazanyana asemakhaya, kwakungekho okwakutshengisa ukuthi uyoze azenzele igama kwipolitiki.

Amagama akhe angampela naphelele u Jabulisile Joyce Ngubo owazalelwa eSweetwaters ngo1964, May 16. Waqala ukufunda ababanga aphansi ezikoleni zomphakathi eBhekiziwe Primary School nase Sweetwaters Higher Primary School.

UNgubo uthi isikole afunda kusona sokuqala usithanda kabi futhi uyasihlonipha kakhulu ngoba saqanjwa ngeNkosi eseyakhothama yendawo Inkosi Bhekizizwe Zondi.

Emva kwamabanga amancane wabe eseya eLaduma High School ukuyoqhubeka ebabangeni aphakeme. Uthi kubuhlungu-ke ngeLaduma ngoba iningi labantu abazi ukuthi nayo futhi yaqanjwa ngenye yaMakhosi asakhothama amaMpumuza, Inkosi Laduma Zondi nongumkhulu walena ephethe manje uBaba iNkosi uNsikayezwe Zondi.

“Ngaze ngaqeda khona eLaduma ibanga leshumi [matric] ngo 1984.”

Uyavuma ukuthi ngalesosikhathi wayengakahabuli ngepolitiki kahle-hle futhi eyibukela kude. Uthi mhlawumbe inhlasane yepolitiki yayibonakala uma kunenkulumo mpikiswano esikoleni sakhe (debate).

Lenkokheli ayifihli futhi ukuthi yakhula kabuhlungu nasemndenini ohluphekayo nowawubanjwe uMama wakhe uNtombikhona Ngubo kuphela.

“Ekhaya kwakungemnandi ngakwezimali ngoba uBaba wadlula emhlabeni sisebancane kakhulu futhi angimazi, kodwa-ke isalukazi sethu sazama sisebenza emakhishini esilungwini. Noma kwakunzima kusinda kodwa uMama wazama wasikhulisa.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.