Wethule incwadi entsha umbhali waseMgungundlovu

2017-12-20 06:00
Isithombe:Makhosandile ZuluUmbhali wezincwadi uMnu. Mbongeni Ngcobo wethule incwadi yakhe entsha isihloko sayo esithi Usize Ungangiphoxi.

Isithombe:Makhosandile ZuluUmbhali wezincwadi uMnu. Mbongeni Ngcobo wethule incwadi yakhe entsha isihloko sayo esithi Usize Ungangiphoxi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wezincwadi uMnu. Mbongeni Ngcobo wethule incwadi yakhe yeshumi nanhlanu (15) ngoMgqibelo odlule kumtapo wolwazi i-Bessie Head.

Isihloko sale ncwadi sithi Usize Ungangiphoxi kanti itholakala ngo-R120 esitolo esidayisa izincwadi i-Adams and Greeks esenkabeni yedolobha uMgungundlovu.

UMnu. Ngcobo uthe umcimbi wokwethulwa kwalencwadi yakhe entsha ubuhanjelwe yizikhulumi ezingu Mnu. Elliot Sidaki kanye noMnu. Ndumi Phoswa kanye namalungu omphakathi.

“Lencwadi iyizindatshana ezimfishane ezihlanganisiwe kodwa zihlukaniswe kanje, kukhona ezithinta indaba yobuchwepheshe ukuthi kunamuphi umthelela ekutheni abantu babe nemisebenzi. Ezinye izindaba ziwumlando ikakhulukazi okhuluma ngabantu baKwaZulu-Natal. Bese kuba khona izindatshana ezikhuluma ngomnotho nokwehla kwamandla awo, phecelezi i-recession, emhlabeni wonke, lapho kuqwashiswa abafundi ukuthi bayiphathe kahle imali bezifundise nokuyonga,” kush yena.

Uqhube wathi indatshana isihloko sayo esithi Usize Ungangiphoxi ikhuluma ngendlela abantu abashintsha ngayo umasebefundile bathola iziqu bagcine sebezibona bengcono kunabazali babo.

“Akufanele sikwenze lokho kodwa uma ungumuntu ofundile kumele ubenemfundiso eqotho nokuziphatha ngendlela efanelekile sibahloniphe abazali bethu sibabonge ngemizamo yabo yokuthi sikwazi ukuthi sigcine sithole leyomfundo yesikole,” kusho uMnu. Ngcobo.

Uthe ugqugquzela abantu abadala kanye netsha ikakhulukazi abendlu emnyama ukuthi bezijwayeze umkhuba wokufunda izincwadi ngoba ngaleyo ndlela bazothola ulwazi oluningi.

“Nginesiqiniseko sokuthi izwe laseNingizimu Africa lingathi ukuthuthuka kancane uma iningi labantu abamnyama bengazijwayeza ukufunda bekhulise ulwazi abanalo ngoba ulwazi oluningi lufihlwe ezincwadini,” kusho uMnu. Ngcobo. Uthe izinhlamvu zegama lesiNgisi elithi read zinomlayezo ezinawo. “Inhlamvu ka-R imele ukuthi Read, kuthi u-E umele ukuthi Educate, u-A yena umele ukuthi And kanti u-D umele ukuthi Develop, okusho ukuthi funda, ufundise bese uyathuthukisa,” ephetha uMnu. Ngcobo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.