Wethulwe ngokusemthethweni umjaho waseMgungundlovu

2019-09-25 06:00
ISITHOMBE: lethiwe MakhanyaKungesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umjaho i-Capital City Marathon, (Kusukela kwesobunxele ) UMnu Sihle Shange, uMnu Celi Makhoba, uMnu Aleck Skhosana, uMnu Steve Mkasi kanye noNks Happy Dlomo.

ISITHOMBE: lethiwe MakhanyaKungesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umjaho i-Capital City Marathon, (Kusukela kwesobunxele ) UMnu Sihle Shange, uMnu Celi Makhoba, uMnu Aleck Skhosana, uMnu Steve Mkasi kanye noNks Happy Dlomo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULINDELEKE abagijimi abalinganiselwa ku-8 000 ukuba babe ingxenye yomjaho omusha owethiwe ngokuthi i-Capital City Marathon.

Lo mjaho wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine olwedlule mhla zili-12 kuMandulo (September) eGolden Horse Casino.

Lomjaho, okuhloswe ngawo ukubungaza ubuhle bedolobha laseMgungundlovu, uzoba mhla zingama-23 kuNhlolanja (February) ngonyaka ozayo.

Lona ngumjaho wokuqala ukuthi uhlanganiswe noMgungundlovu njengedolobha lesifundazwe kulandela ukuwa komjaho iMaritzburg City Marathon nevale iminyango yayo ngemuva kokwenza umjaho wesi-25 ngasekuqaleni kwalonyaka.

Ngokusho kukaMnu Sihle Shange, nongumqondisi wawo lomjaho, kuzoba khona izigaba zama banga amathathu okungu-10 km, 21 km kanye no-42 km — ozokwazi ukuthi uvumele abagijimi ukuba bangenele i-Comrades Marathon kanye ne-Two Oceans Marathon.

Uthe ukungenela lomjaho uR300 (42 km), R190 (21 km) no-R120 (10 km).

Usihlalo walomjaho, uMnu Steve Mkasi, uthe : “Sijabule kakhulu ukuthi sesize sawethula ngokusemthethweni lomjaho. Siyathemba ukuthi uzokhula minyaka yonke futhi siyathembisa kubona bonke abagijimi abazoba ingxenye ukuthi ikomidi elihlela lomjaho lizinikezele ekuletheni umjaho kubagijimi nozoba omunye wemicimbi evelele ekhalendeleni yezemijaho esifundazweni.”

UMongameli we-Athletics South Afrika, uMnu Aleck Skhosana, uthe bayafisa ukubona imijaho efana njengalena ezindaweni zasemakhaya kanye nasezindaweni zasemalokishini ukuze kuzokhula izinga lemicimbi eyenzekayo kwezokugijima kuzwelonke.

“Asizugcina ke kodwa lana ngalomgijimo. Sidinga ukuthi siwukhulise lomjaho ungagcini nje ngebanga lika-42 km kodwa lidlule kuze kufike kwi-cross-country,” kubeka yena. Uthe uyafisa ukuba uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali ube yingenxenye yalomjaho njengoba kuwumjaho wokuqala okulelizinga.

Odle umhlanganiso ebangeni lika-10 km uzothola imali engu-R1 500, 21 km (R2 500) bese kuthi u-42 km kube u-R10 000.

Ukungenela lomjaho kuvulwe ngesonto eledlule. Uma ufuna ukungenela, ungavakashela i-website ethi: www.capitalcity42.co.za

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.