Yakhala isimbi, zavulwa izikole

2017-01-18 06:01
PHOTO: nokuthula khanyile  U-Ayanda Thabethe obezoqala uGrade R eSinamuva Primary.

PHOTO: nokuthula khanyile U-Ayanda Thabethe obezoqala uGrade R eSinamuva Primary.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQALE kahle ukuvulwa kwezikole e-Edendale naseMbali njengoba iningi labafundi kuleli bebuyele esikoleni izolo okokuqala kulonyaka.

Kuphele amaphupho kodado akade bezoqala uGrade R no 1 ebese kuphele iminyaka bephupha behlezi emagunjini okufundela njengalokhu izikole zesifundazwe sase-KZN zivule amasango.

Phela onkabi kudala bebabele ukuya esikoleni ‘esikhulu’ kwazise bebefunda amabanga andulela elokuqala.

Yize bebesakhona olayini abade kwezinye abazali bezofunela abantwana babo izikhala kodwa engxenyeni yeziningi kubukeka uqalile umshikashika wokufunda nokufundisa.

Esikoleni samabanga aphansi iSinamuva Primary School eMbali abazali akade bephelezele abantwana babo abebezoqala uGrade R bebegcwele igceke lesikole.

Omunye umzali okhulume ne-Maritzburg Echo uthe umzuzu wokuqala komntwana wakhe esikoleni kuba onzima kodwa oletha intokozo.

“Bengimphelezela ngoba ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ufike kahle esikoleni futhi ngibone nekilasi azofunda kulo. Benginovalo lokuthi angahle akhale uma sengimshiya kodwa ngimbona eneme exoxa nabanye ozakwabo,” kusho umzali.

Khona manjalo uthisha wakwa Grade R wakwesinye sezikole ezise-Edendale okhulume naleliphephandaba kodwa ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe umshikashika omkhulu kuba abazali abafika ngomzuzu wokugcina bezofuna izikhala.

“Ngokomyalelo womnyango wezeMfundo kufanele engabe usuku lokuqala abafundi bebuyile nathi sisemakilasi siyafundisa kodwa kuba nabazali abangabhalisi izingane ngesikhathi kugcine kumosheke usuku lonke. Njengoba sivule ngoMsombuluko thina bekuyithuba lokuthi lokuzilu ngiselele ukuya emakilasini uma izingane sezibuya kodwa sigcina simatasa sisiza abazali.”

Khona manjalo amalunga esishayamthetho saKwaZulu Natali aphume inqina avakashela izikole ezahlukene esifundazweni sonke. Uphathiswa wezeZimali esifundazweni uBelinda Scott yena uvakashele izikole ezingaphansi kwesifunda soMgungundlovu kumasipala waseMpendle. Phakathi kwezikole ezihanjelwe uScott kubalwa iLuthando high school, Imvunulo Secondary kanye neSiyazama Secondary.

Okhulumela umnyango wezeMfundo esifundazweni uKwazi Mthethwa uthe ngasohlangothi lwabo babone ukuvulwa kwezikole kuhambe kahle kakhulu.

“Ungqongqoshe ubevakashele esifundeni seLembe ukuyohlola khona ukuthi uqhubeka kahle yini umsebenzi wokufunda nokufundisa. Singasho nje sithi sigculisekile, nezinsiza zokufunda njengezinto zokubhala zabafundi zonke zifike ngesikhathi. Zikhona izingqinamba ezincane esibikelwe zona kodwa njengokwehla kwezinga lokuphasa kwabafundi bamatikuletsheni kulesiyasifunda kodwa konke lokhu sizokulungisa.”

UMthethwa uthe yize ukuvulwa kwezikole kuqale kahle kudungekile emuva kokushona kwabafundi abane engozini yetekisi eThekwini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.