Yindlu ensundu akesithande izindawo zethu

2016-02-17 06:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

MHLELI: Kukhona into ephatha kabi kodwa eseyiphenduke injwayezi. Le nto ilena yokuthi ezindaweni esihlala kuzo yithi esingcolisayo. Izingane zesikole zihamba zidla emigwaqeni, amaphepha alokhu ebezikuthengile ziwalahla lapho emigwaqeni okanye ezindleleni.

Nabadayisi uqobo lwabo eduze kwala bedayisela khona kazikho izindawo okanye imigqomo yokulahla izibi.

Ema renki inhlanzeko abakhwekazi, ugcina ukuyibona inhlanzeko mhla ivulwa irenk, emva kwalokho izongcola sengathi kuhlala izingulube.

Abantu abaletha lokhu kungcola yithi esithi uma sidle silahle phansi, ukuzihlonipha nokungaliboni ihlazo lokukhipha ukungcola ngamafasitela into ekude nathi.

Ezindaweni zethu akulona icala ukuma kwemoto ebrijini ithulule izibi emfuleni, ababoni nje ukuthi bangcolisa amanzi. Babodwa abadla inyama zenkukhu bese amathambo eqhasha ngama windi elandelwa zindaba, uma beqeda bazolahla konke khona emgwaqeni, okulandela lapho ukuthi ubone lezi zinja eziwuvanzi sezidla lamathambo.

Sekumele izimoto zivike lezi zinja ongazi zazifuyelwani uma zizohlala emgwaqeni.

Okucika kunakho konke ukuthi abantu besilisa behluleke ukuzihlonipha uma bephuza, umuntu achithe amanzi noma ikanjani. Isitho sangasese sigcine sekungesomphakathi. Nangu umuntu umile uchitha amanzi nenduku enefosi ungazi ukuthi akalisiki ngani abophe ngalo izicathula. Besingeke sibone ukuthi unefosi ukube ubazi ukuthi kumele azihloniphe, besingeke sazi nokuthi unenqantiza ukube ubazi ukuthi kumele azihloniphe, asebenzise indlu yangasese.

Emalokishini kawukho umvakwendlu njengasemakhaya, yingakho kunezindlu zangasese ezindlini okumele kusetshenziswe zona, uma kunabantu abaningi, nakanjani kumele kusetshenziswe eziqashwayo. Abantu bayeke ukuncika ngezigxobo. Emapaki asazi ubani owathi abantu uma benza umkhuba khona abalahle phansi ukungcola kwabo. Abantu bebadala balahle amajazi omkhwenyana phansi asesebenzile, bathi awacoshwe ubani.

Ndlu ensundu eke sithande izindawo esihlala kuzo, sizenze zihlanzeke.

Bazali asikhulise izingane zethu ngenhlanzeko ukuze othisha bathole umsebenzi sewulula, izingane zazi zisencane ukuthi kakulahlwa amaphepha endleleni. Bothisha bambisanani nabazali ukuze izindawo zethu zihlanzeke. Izindawo zethu kaziyeke ukuhloba sengathi zihlahla zikaKhisimusi ngenxa yamaphepha alahlwa izingane zethu.

Izindawo zethu angeke zihlanzwe abanye abantu kodwa yithi esingazenza zibukeke. Ngokubambisana singenza izindawo zethu zihlanzeke.

BONGANI MZO NGUBANE Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.