Yinkalakatha lomqeqeshi omusha weBhakabhaka

2016-06-29 06:00

IZINGWAZI ezindala zaseSoweto kwiPSL nezinye zezithandwa eMzansi i-Orlando Pirates isizoqeqeshwa yinkalakatha yomqeqeshi ohlonishwa kakhulu ngamagalelo akhe, uMuhsin Ertugral.

Lomqeqeshi akadingi ukwethulwa ngokusemthethweni ngoba wazakhela igama eminyakeni edlule kwiKaizer Chiefs, Ajax Cape Town kanye neMpumalanga Black Aces okade eyiqeqesha ngesizini edlule.

Noma kungathiwa abaphathi beBhakaBhaka baxake noma bathuse iningi labalandeli babo ngokuvele baqashe lomqeqeshi ngaphandle kokutshengisa ukuthi bebehlwaya omusha. Abazaziyo izinto nabakade balilandela ibhola leSea Robbers bazokwazi ukuthi umphathi walekilabhu u-Irvin “Iron Duke” Khoza akuyona indoda ethanda ukumpompoloza kakhulu ngomlomo kodwa uke abonakale esenza nje.

Inkalakatha endala neyake yadlala kwiKaizer Chiefs nePirates uMarks Maponyane uthi amaSea Robbers abambe ufishi omkhulu ku-Etrugral futhi imisebenzi emihle yakhe izobonakala.

UMaponyane uthandazela nje ukuthi lomqeqeshi ahlonishwe yibo bonke abasebenzela iPirates futhi bangagxambukeli emsebenzini wakhe.

“Lomqeqeshi ungomunye wabahlonishwa kakhulu eMzansi. Futhi engikuthanda ngaye ukuthi uwazi kahle uMzansi kanye nabadlali bawo.”

Nowayeyisitobha saMaBhakhaniya esasingazwile uGavin “Stability” Lane uthi uthandazela ukuthi lomqeqeshi avunyelwe ukusebenza ngomoya wesonto futhi enze ngokuthanda.

“Mina ngithi izinsuku ezimnandi manje sezizobuya kwiBhakaBhaka ngoba phela lomqeqeshi uzithandela ukusebenza kanzima, akancengi, futhi uthanda ukuwina izinkomishi. Uma ezoyekwa azenzele ngokwakhe futhi asebenze ngoxolo, uzoletha impumelelo eningi eqenjini.”

Lomqeqeshi omusha weBhakaBhaka uthe kuyintokozo nenselelo enkulu ukujoyina iqembu elikhulu neliyizithandwa zoMzansi wonke kanye nezinkunzi zaseSoweto.

“Ithuba leli elikhulu ngendlela eyisimanga empilweni yami, kodwa-ke mangisho ngithi mkhulu umsebenzi osangihlalele.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.