Zibakhalele abebezenza amaphoyisa

2018-07-11 06:00

KUBOSHWE abalisa abayi-7 abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubamba inkunzi ezitolo zaseMbali.

Laba balisa kuthiwa bebeyingxenye yeqembu lezi gilamkhuba ebelihamba libamba izitolo zaseMbali inkunzi ngoMsombuluo ebusuku.

Ababili abalisa kulaba abayi-7 kuthiwa bebegqoke umfaniswano ogcwele wamaphoyisa kanti bebehamba nangekhumbi yohlobo lwe-quantum obelunama-blue lights.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe labalisa bebe zungeza ngalemoto yabo eMbali ngawo uMsombuluko.

Uthe laba abebefake umfaniswano wamaphoyisa bebengena ezitolo bezenza amaphoyisa.

“Uma sebengenile ngaphakathi esitolo laba abazenza amaphoyisa, bebebiza abanye ozakwabo ukuba bebambe lezi zitolo inkunzi bethathe imali nempahla.

“Lesi sigameko senzeke ngo-7 ntambama kodwa amaphoyisa ophiko lwe-K9 Unit ngokubambisana namaphoyisa ase-Plessislaer aze abamba lezi zigebengu ngo-9 ebusuku.”

Uthe abasolwa babanjwe ndaweni yaseMbali Unit 14 ekhumbini lena okusolwa ukuthi bebeyisebenzisa ukwenza ubugebengu.

“Kuboshwe abasolwa abayi-7 kwathi laba ababili akade befake umfaniswano wamaphoyisa bathathwa bayophonswa imibuzo yokuthi bayithathephi imifaniswo yamaphoyisa.”

Abasolwa bekulindeleke ukuba bavele enkantolo izolo (ngoLwesithathu ngamacala okubamba inkunzi).

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.