Zifundise ngaphambi kokuzimbandakanya

2017-04-26 06:01
Nokuthula Khanyile.

Nokuthula Khanyile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGINENHLANHLA yokuthi umsebenzi wami ungivulela amathuba okuthi ngihlangane nabantu abahlukene kuwo wonke amazinga empilo.

Kamuva nje ngokubheduka kwemikhankaso yokufuna ukwehlisa umengameli uJacob Zuma esihlalweni, ngike ngazithola sengijutshwa ukuthi ngiyocoshela kulemikhankaso ebithe chithisaka ezweni lonke kanjalo nalapha eMgungundlovu.

Engifike ngakuqaphela ukuthi uma ngibuza kwabanye ababhikishi bebala elimnyama abebeyingxenye yalemikhankaso ukuthi kungani bedele umsebenzi bakhetha ukuyoshiswa ilanga bazozibandakanye kulemikhankaso angiyitholi impendulo eqondile futhi nenhlaba umxhwele.

Omunye nje engamdonsela eceleni ngambuza ukuthi : ‘Dadewethu kungani ukhethe ukuzoyigxoba lapha’ wavele waphendula wathi : ‘Ngifuna umengameli ahambe’, uma ngiqhubeka ngibuza ukuthi ngasiphi isizathu, wala waphetha ukunaba wajikeleza impendulo ecacile yagcina ingaphumanga.

Inkulumo yakhe yangixaka futhi yakhombisa ngokusobala ukuthi wavele wadonswa wanikwa isikibha kodwa yena qobo engenalo ulwazi olugcwele ngomkhankaso.

Ungangizwa kabi, angisho ukuthi thina bendlu emnyama asiziqhelelanise nalemikhankaso ngoba kona zikhona izizathu ezizwakalayo uma ukhuluma nabanye ngalemikhankaso kodwa ngithi ake sizifundise.

Ake siyeke ukuvuma ukusetshenziswa abathile ngoba benezinhloso zabo sibe singenalo ulwazi olugcwele ngokuqhubekayo.

Ake uzihluphe nje nawe wenze olwakho ucwaningo ngaphambi kokuthi uzibandakanye emikhankasweni noma emamashini ehlukahlukene.

Musa ukuvuma ukulandela iqeqebana labathile ngoba kuthiwe woza uzokwengeza isibalo kodwa ube ungenalo ulwazi olugcwele ngento osuke uyoyenza. Yebo kumnandi ukuma emgaqweni ucule kodwa uyasazi na isizathu?

Cabanga usulimala kulemikhankaso uma amaphoyisa esehlakaza isixuku ngezinhlamvu zenjoloba njengoba sabona kwenzeka lapha eMgungundlovu. Awuyazi nento oyilimalelayo ukhishwe isithukuthezi nje ekhaya wayojoyina kepha isizathu awunaso. Uyazi uma kuthiwa “Knowledge is power” kusuke kungakhulunywa kuphela ngalolwazi esiluncela kothisha esikoleni kusuke kugqugquzelwa wena ukuthi usukume ufune ulwazi ukuze ulusebenzise ukuzikhanyisela ukhanyisele nabanye.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.