Zikhala ngokuhlushwa amaphara izaguga

2018-10-31 06:00

IZAGUGA ezihola impesheni ezihlala endaweni yaseMbali Unit 13 zithi zicela ukubuyiselwa ziyoholela ezikhungweni ngoba azikwazi ukubekezela ukuhlushwa amaphara edolobheni njalo uma ziyohola.

Lezi zaguga zithi seloku kwafakwa uhlelo olusha lokushintshwa kwamakhadi nokuthi baye kohola eposini izimpilo zabo zivele zanzima ngoba bagcina sebehlukenyezwa amaphara alala eduze kwaseposini elisemgwaqeni uLangalibalele nabathi ilona abalisebenzisa uma beyohola.

Ezinye izaguga ezikhulume ne-Echo zithe ziyabikelwa njalo uma ngabe zizoya kuyohola ngoba ziyazi zihambela ukuyohlukunyezwa.

UNkk Horonotha Dlamini (66) uthe njalo uma ngabe beyohola bafika ama phara esebeke inqwaba yamatshe lapho ekumele engabe babamba khona ulayini bese ebatshele ukuthi ngabe befuna ukuba ngaphambili kumele bakhokhe imali.

“Abanye bakutshela ukuthi kumele ukhokhe u-R20 kanti abanye bathi R10. Uma ngabe uthi awunayo uya ngemuva kulayini ngisho kuthiwa ufike kuqala ngoba bakutshela ukuthi bona babambe ulayini bazodlulisa abantu abakhokayo. Kwesinye isikhathi uma ngabe usuphuma ukuyohola bafuna ukukuphathisa ngenkani ngisho ungafuni ngoba befuna ukuthi ubakhokhele. Asizizwa siphephile kuleyandawo ngoba akukho bantu futhi akugadwa ngaphandle kanti kuyagcwala. Thina singabantu sesiyasaba nokuthi labafana bazogcina sebesibamba inkunzi,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi ngaphandle kokuhlushwa amaphara ziningi ezinye izinkinga ababhekana nazo okubalwa kuzona nokungabi khona kwezindawo zokuhlala kanye nokushiswa ilanga usuku lonke ngenxa yokuhamba kancane komsebenzi ngenxa yabantu abaningi.

UNkk Thandi Nsele (72) yena uthe kwesinye isikhathi useze akhethe ukuba athumele ingane yakhe ukuba iyomholela ezitolo ngoba esabela impilo yakhe futhi efuna nokonga imali yokuthi aqashe imoto yokuya edolobheni njengoba esengumuntu ongasakwazi ukuhamba.

“Uvuka ekuseni uye lapha ufike uhlale usuku lonke ushiswe ilanga ulinde ukuhola uma kubanda usuke ubulawa amakhaza khona. Nakuba lamakhadi esinawo manje esivumela ukuba sikwazi ukuyokhipha ezitolo inkinga esiba nayo ukuthi iningi lethu sesingabantu abadala kanti ngesikhathi ufika esitolo ufika usuyikhohliwe inamba ekumele ukhiphe ngayo imali bese bayakujikisa. Singakujabulela kakhulu ukubuyiselwa ezikhungweni zethu ngoba besazi khona ukuthi siphephile futhi kunabantu abasigadile,” kubeka yena.

Ikhansela laka-ward 17 uMnuz Thamsanqa Sithole uthe uyazazi izinkinga ezibhekene nogogo bakule ndawo uma ngabe beyohola wathi basazama ukuthola indlela yokuthi angeke yini mhlawumbe bakwazi ukubuyiselwa ezikhungweni.

“Siyazi ukuthi lesi isinqumo esathathwa kuzwelonke ngakho ke ngeke size sithembise ukuthi bazobuyiselwa kodwa sizozama. Into esingabayala ngayo nje abantu abadala ukuthi kumele bazame ukuthi bayohola imali yabo ezitolo ngoba kuphephile futhi kuyashesha kodwa benze isiqiniseko sokuthi abavumeli noma ubani ukuba abasize ngoba bangagcina sebelahlekelwe iyona yonke imali yabo,” kubeka yena.

Okhulumela iposi esifundazweni saKwaZulu-Natal uNks Nobuhle Njapha uthe bebengazi ukuthi kunenkinga efana nalena kodwa bazoxhumana nabaphathi balo iposi laseMgungundlovu.

Abanye bakutshela ukuthi kumele ukhokhe u-R20 kanti abanye bathi R10. Uma ngabe uthi awunayo uya ngemuva kulayini ngisho kuthiwa ufike kuqala ngoba bakutshela ukuthi bona babambe ulayini bazodlulisa abantu abakhokayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.