Ziyahlangana izinkunzi ngale mpelasonto e-FNB stadium

2016-02-03 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe Kulindeleke ukuba kukhethe ukhethi emqhudelwaneni we Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates ngempelasonto.

ISITHOMBE:sithunyelwe Kulindeleke ukuba kukhethe ukhethi emqhudelwaneni we Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUKHONA izisho ezithi uma kuhlangene izinkunzi kusiphuka izidindi nomhlabathi ubheke phezulu.

Emalokishini amaningi aseMzansi uke uzwe kuthiwa kuzosuka amaphepha kusale amakhadibhodi noma bethi impela iyolala ibonene. Impela iyohlangana iphinde ihlukane.

Cishe zonke lezizisho noma-ke izaga ziyobe zizifakazela ngalo Mgqibelo wakusasa lapho kuzobe kutholene khona izingwazi zebhola zaseMzansi nezinkunzi zaseSoweto iOrlando Pirates neKaizer Chiefs.

Kukhona izinto ezimbalwa ezibalulekile ngalomdlalo. Okokuqala, bobabili abaqeqeshi uEric Tinkler weBhakaBhaka no Steve Komphela abakazinzi kahle-hle ezikhundleni zabo. Kukhona imibuzo elokhu ibuzwa ngabalandeli ethi mhlawumbe kungenzeka yini ukuthi lamaqembu makhulu kakhulu futhi athanda ukubasinda.

Kubuywe kusolwe indlela ababophela ngayo izikimu zabo. Lokho sekudale abanye abalandeli bePirates bazibuze bengaqedi emva kwezindlu ukuthi ngempela ngempela ngabe uTinkler uyazithela yini isikimu sakhe. Sekunezinsolo noma amahemu hemu alokhu ethi kunesandla soboya noma sesithathu esidonsa amatomu buqamama. NgaseMaKhosini kusolakala ukuthi uKompela usadideka ukuhlanganisa iqembu lakhe elingashaya kwasani ngoba phela ayikho inhlobo yomdlali engekho eNaturena.

Ngempelasonto edlule amaBhakaBhaka ahlazwe yiJomo Cosmos ezivelela ehlathini futhi elokhu ilwela izembe le phansi. “Kukhona okunuka santungwana emsamo futhi-ke izinsolo siyazibona,”kusho omunye wabalandeli abaziwayo eKwaZulu Natal kodwa ongafunanga igama lakhe livele. Kanti naseNaturena akuhambanga kahle ngalempelasonto esivela kuyona lapho behlulwe yiPlatinum Stars ngo 2-1 eKapa. Phela kulomdlalo AmaKhosi ashaye kuqale igoli kodwa iDikwena yakwazi ukulinganisa yaze yashaya neGoli lokuwina ngasekupheleni komdlalo. Umbuzo ke olokhu ubuzwa abalandeli bezimpofana ukuthi kusukela nini ukuthi iChiefs ifake igoli kuqala kodwa igcine idliwe.

Izinkalakatha ezake zadlalela lezinkunzi zithi umdlalo wangoMqgibelo uzobe okwelinye iqophelo futhi yiwona ozocacisa ngekusasa lalabaqeqeshi.

Owayengukaputeni weBhakaBhaka uEdward Motale uthi yena uyavuma ukuthi umqeqeshi wezimnyama uhleli phezu kwengcindezi ngoba akukho lula ukuqeqesha iqembu elikhulu njengePirates. “Mina ungangizwa kabi my Outie, mina angisho ukuthi usengcupheni yokuxoshwa kodwa ngithi konke kubukeka kusinda ngasohlangothini lakhe,”kusho uMotale.

UMotale uthi yena ucela abadlali kebadlale nje kahle futhi badlalele ukuwina, bangalokhu bebheka izinto ezishiwoyo nezenzeka ebhentshini. “Kwesinye isikhathi kuke kufanele nivele nizimele futhi nizitshele ukuthi namhlanje siyodla iChiefs,”kusho uMotale. Nenye inkunzi yeBhakaBhaka eyake yaba ngukaputeni kuyo uGavin Lane osezinze eThekwini uthe: “NgoMgqibelo kuyobe kungadlalwa futhi kunyathelwana. Mina ngithi iBucs izoyidla iChiefs.”

Owayengukaputeni weKhosi uLucas Radebe uthi yena usola ukulingana kwamagoli phakathi kwamaqembu womabili.

Owake waba unozinti kwiChiefs manje oseqeqesha onozinti kwiMaritzburg United uArthur Baartman uthe yena: “Nakanjani Amakhosi angayidla iPirates.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.