Amadoda anesandla ekuhushulweni kwezisu

2015-08-06 06:00

Futhi okwabonwa abantu besifazane kulo mhlaba…bayophumula mhla befile!

Imithetho yeBhayibheli ithe ze kubona ibacindezele nemithetho yosikompilo ibakhomba ngaphansi kwamadoda.

Kunezinhlamba eziningi okujikijelwa ngazo abesifazane bese kuthi amadoda ashaywe umoya ngoba nakhu wona awonanga lutho, angazi lokhu kwaqalwa ngubani.

Sekukaningi ngizwa abesifazane bebizwa ngamagama alumelayo anenhlamba kodwa uma uthi uyabheka namadoda ayathinteka kodwa ajike wona abe msulwa.

Ukukhishwa kwezisu ngokuhlelelekile kuyanda futhi nohulumeni usekuvumele ukuthi kwenziwe udede, nezingane ezineminyaka eyishumi nambili kuya phezulu sezinelungelo lokukhipha isisu.

Kunohlelo engisanda kulubona kumabonakude lapho owesifazane egonyuluke khona ukuthi usakhipha izisu kathathu, okwenza engabe esakwazi ukuthola abantwana. Lento yenze iningi labantu engazana nabo bagwavume bethi lona wesifazane uyisigebengu, akananembeza, bemgxeka bemgxigxiza.

Yebo lo wesifazane uneqhaza eliqavile lokuba nesibindi sokukhipha isisu kodwa nithini ngala madoda amithisa abaleke? Akuwona yini imbangela yokuhushulwa kwezisu?

Impela abesifazane bakubona bakubeletha! Uma uyindoda yangempela ezishaya isifuba ngokuba yisoka noma ngokuba yindoda nje, akukwazi ukuthi ungathi uma usumithisile bese uvumela umuntu okhulelwe abulale ingane yakho. Iningi lamadoda ligxuma lihlale ekugxekeni isimilo sentombi ukuthi ize ihambe ikhipha izisu, kodwa ababheki ukuthi bona uma bemithisa kumbe belala ngaphandle kokuzivikela umthelela waloko uzoba njani.

Inhlamba isala namantombazane ngoba isizwe sonke sikhomba bona ngezinqumo abakhashelwa amadoda kuzom bagcine bephoqeka ukuzithatha.

Ngiyavuma kuyenzeka abantu besifazane bakhiphe izisu benziwa ukuganga nokuxegelwa yisimilo kodwa futhi kuyenzeka kube yindoda egquqguzela leso simo.

Uthola indoda iphika ingane, ithi akenze njani lo omithi? Uthole indoda ithi ingamithisa inyamalale, ithi akenze njani lo omithi?

Amadoda amaningi uma engase ayeke ukudlala ngenkonzo yasekamelweni, ayihloniphe, azi ukuthi uma sekuze kwafika esigabeni sokumithisana kumele nikumele nobabili loko njengaloku bekumnandi nijijimezana nikitazana kunjeyaya.

Le nto yokucindezela abantu besifazane yatshaleka ezingqondweni zethu kaningi, kusukela umuntu esakhula. Uma uyingane yomfana uyazi kahle ukuthi uma kuthiwa ufuze konyokolume kushukuthi awenzanga kahle. Kube khona nokuthi njalo uma umfana ekhomba ubunteke-nteke kuthiwe “suka uziphathisa okwentombazane”.

Endlini ka-round yesiZulu kunesilili, umakoti noma umuntu wesifazane akeqeli esililini samadoda, kodwa indoda iyaseqa isilili noma yinini noma kanjani. Nezenkolo ziveza ukuthi uNkulunkulu yindoda, okuqhoshisa amadoda ukushaya imithetho ebhincisela nxanye abantu besimame.

Uma amadoda engafunda ukuhlonipha isimame, amele ubudoda obuqotho bokuhlawulela amacala awo, aphinde alusele eduze izintombi, ingancipha imikhuba ethathwa njengeyihlazo, eyenziwa ngabantu besifazane.

Phela inkinga enkulu idalwa ukuthi iningi lamadoda limithisa qede ligxume ligelekeqeke bese osisi bebona kahle ukuthi angeke kulunge lutho, baqonde emtholampilo bayosusa impilo esuke yakheka kubo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.