Babambe ingqungquthela abakhubazekile

2015-07-23 06:02

KUSAFANELE kufundiswe umphakathi kabanzi ngokuphila komuntu okhubazekile.

Lokhu kushiwo abakhubazekile engqungqutheleni yezinsuku ezimbili ebibanjwe e-Anerley Youth Camp kusukela mhla zi-14 kuya zi-16 kuyona lenyanga.

Abakhubazekile abasuka komasipala basOgwini bahlanganyele kulendawo ukuzodingida izinto ezithinta amalungelo abakhubazekile emiphakathini abaphila kuyona.

Usihlalo wenhlangano yabakhubazekile uPhillip Gamede uthe lengqungquthela ibe yimpumelelo enkulu njengoba abaningi abahambele lomhlangano bathole ulwazi ngezinhlelo nezinhlaka eziningi esizana nabakhubazekile.

“Lomhlangano ubanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Empowerment of disabled people for greater impact’. Ngamafuphi lokhu kusho ukuthi, ukukuthazwa kwabakubazekile okwenza umehluko,” kusho uGamede.

Abakhubazekile banikwe ithuba lokuthi baveze imibono yokuthi bangenza kanjani ukuthi nabo bazizwe bemukelekile emiphakathini nanokuthi bazizwe bengabantu nabo njengawonke umuntu ophila kulelizwe.

Ziningi izindlela abazivezile ezifana nokuthi kufundiswe kabanzi ngezinhlobo zokukhubazeka emiphakathini, ukubamba iqhaza ezinhleweni zikahulumeni, kwezemfundo, ezomnotho, ezempilo kanye nezepolitiki.

Laba aba-60 abebehambele lomhlangano abesifazane nabesilisa bahlukanisiwe baba ngamaqembu amabili ukuze iqembu neqembu liveze izinkinga elibhekene nazo nanokuthi lezozinkinga zingalungiswa kanjani.

Okhulumele abesifazane uZethu Cele uthe njengoba kuzoqala inyanga yabesifazane uNcwaba (August) bazothanda ukuthi babe nezinhlelo zabesifazane abakhubazekile komasipala babo.

“Singathanda ukuthi njengoba kuzoqala lenyanga yabesifazane ukuthi nathi omasipala basihlelele izinto ezizoqondana nathi njengabesifazane abaphila nokukhabazeka okwehluka hlukene,” kusho uCele.

Emva kokuthi athule inkulumo yakhe uCele, uGamede Ube esegqugquzela laba besifazane ukuthi kube yibona abaholi baqhamuke nezinhlelo zabo bese becela omasipala ukuthi babaxhase.

Abesilisa bona bebejule kakhulu. USithule Nyawo noSifiso Majiya bathule inkulumo yabesilisa bathi bona njengabesilisa abakhubazekile bazogqugquzela omasipala ukuthi babanike nje noma usuku olulodwa enyangeni yabesilisa ukuthi nabo bazibonakalise emiphakathini.

abesiliza baveze ezinkinga nezingqinaba ababhekana nazo emiphakathi nasemindenini yabo.

Ekuphetheni kwomhlangano abaningi abebewuhambele bakhombise ukuthokoza okukhulu ngawo njengoba befunde okuningi kanti futhi bathola ulwazi ngamalungelo abo njengabantu abakhubazekile.

Lengqungquthela ikhethe ikomidi elizomela abakhubazekile Ogwini lulonke. Abakhethiwe kube nguBonginkosi Cwele usihlalo, Nobesuthu Ndwalane usekela sihlalo, Nosipho Shabane unobhala, Zethu Cele umgcinimafa kanye noThandokuhle Mbesa ozomela izinhlelo zentsha

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.