Kanti kwemula abanjani?

2015-08-13 06:00

NGITHE ngizimele kulayini wokukhipha amasentshana ebhange ngesonto eledlule ngazithola sengilalele ingxoxo ebiphakathi kodade ababili abebephambi kwami ngibalandela.

Bengizicabangela izinyoni zami ngingaqonde kulalela zindaba zamuntu kodwa ngizithole sengicijise amadletshana ngoba lento abebekhuluma ngayo yinto edala impikiswano enkulu kulezizinsuku.

Omunye walabosisi ubebuza lo omunye ukuthi akezanga ngani ememulweni wakhe owawungempelasonto eyayingokuphela kwenyanga.

Umngani uphendule wathi ubexinwe wumsebenzi futhi ubengeke akwazi ukulova ngoba usanda kubuya elivini. Uqhubeke wathi uzwile ukuthi bekusindwe ngobethole kanti nasebusuku “ziwe” kwaze kwacishe kwasa emnyango.

Indaba iqale ukubhimba ngesikhathi umngani esebuza lo obekade emula ukuthi asengakanani amawele akhe.

Ngaleso sikhathi besesisondele emshinini wemali okwenze ngangayilandela yonke inkulumo, kodwa engisale nakho enkulumweni engiyizwile wukuthi lodade ob ekade emula uzele unezingane.

Wemula kanjani umuntu ozele?

Angisona isazi samasiko kodwa ngokomthetho wesiZulu uma intombazane yemuliswa kusuke kubongwa ukuthi iziphathe kahle iyintombi nto yaze yafika ezingeni elithile ingakaze ihlangane nomuntu wesilisa. Lokhu kufakazelwe nawumalume wami engamshiya le Empangeni kwaZulu engithe mangimbuza ngalensumansumane wathi ngendlela abantu abaphambanisa ngayo izinto kulezinsuku bazibangela bona amabhadi namashwa.

Kusadliwa ngoludala, intombazane ibihlolwa uma izokwemula ukuze kuqinisekiswe ukuthi isaphelele yini.

Kulamalanga abantu sebecabanga ukuthi umemulo uyimpoqo futhi uyisigaba okumele udlule kuso ngisho sewazala izingane inqwaba. Akulona iqiniso leli bakwethu. Abanye baze bathi umendo abawutholi ngoba abemuliswanga.

Uma ufuna ukwemula, ziphathe kahle uzigcine, ungahambi uzithanqaza kubafana ujike uhluphe abazali uthi abakwemulise.

Alikho icala uma ufuna ukwenza umcimbi ubusise izimpintshi zakho ngotshwala nenyama kodwa-ke musa ukubiza lowomcimbi ngomemulo. Thana wenza “i-party.”

Lento ngithi uma ngiyibuka ngiyibone ihambisana naleyo eyashiwo uzakwethu uSibongiseni “Ntshebe” Shangase emasontweni ambalwa edlule lapho abhala wathi abantu ngedlela abangasazazi ngayo izinto, bagcina sebekhipha imali kulotsholwa abangangayazi nokuthi ngeyani leyomali abayikhiphayo.

Kumele uma ulobola wazi ukuthi inkomo nenkomo oyikhiphayo ingeyani. Abantu kwabona abasazazi noma bayathenga noma bayalobola, Sebemane bakhiphe-nje leyomali ebiziwe bebe bethi “balandela isiko.”

Angisho-ke njalo ukuthi ningasangimemi uma “nemula” noma “nemulisa.” Ngeke ngihlale ngingezi uma kunejiki lamahhala nenyama ilahlile.

Kuphela yithi wenza “i-party” ungasho ukuthi wenza umemulo

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.