Kuhlomuliswe imiphakathi emaphandleni

2015-10-15 06:00
PHOTO: supplied

Emcimbini waseMzumbe (kusuka kwesokunxele) Maxwell Mhlongo weSouth Coast Tourism, Zanele Nkosi weTime Travel, Sthembiso Chiliza womkhandlu kanye nekhansela lika ward 15 uLondolo Zungu.

PHOTO: supplied Emcimbini waseMzumbe (kusuka kwesokunxele) Maxwell Mhlongo weSouth Coast Tourism, Zanele Nkosi weTime Travel, Sthembiso Chiliza womkhandlu kanye nekhansela lika ward 15 uLondolo Zungu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISOUTH Coast Tourism okungumnyango wezokuvakasha kanye nokungcebeleka ihlomulise abantu basendaweni yase Mzumbe kuWard 15 nasezindaweni ezakhelene nalesisigceme.

Ihholo lakwaNomakhanzana beligcwele kungekho ngisho indawo yokufaka unyawo ngoLwesihlanu ngesikhathi abalomnyango behambele lendawo ukuyonika umphakathi ulwazi ngezokuvakasha ezindaweni zase makhaya.

Ikhansela lendawo uLondolo Zungu udlulise amazwi ngomsebenzi omuhle owenziwa yilomnyango kusukela ngeminyaka ka1994 wokuthuthukisa imiphakathi kulezindawo. UZungu uthe lemiphakathi isiyahlomula kulokhu okwakuqalwe umnyango wezokuvakasha njengoba abahlali sebekwazi ukuthola amasenti ngamisebenzi eqalwa yilomnyango.

Okhulumela umkhandlu usekela meya uSthembiso Chiliza uthe ozothanda ukubona ubudlelwane obusha obuningi phakathi kwemiphakathi kanye nalomnyango. UChiliza ugquqguzele kakhulu intsha ukuba iqale amabhizinisi ayo ukuze nayo ithole usizo kulomnyango nayo ihlomule.

Esinye isihambeli zomcimbi esivela enyuvesi iDUT sithe intsha ayingene emkhakheni wezokuvakasha njengoba amathuba omsebenzi emaningi nakhona.

“Intsha mayingene kulomkhakha ifunde izifundo eziphathelene nezokuvakasha. Miningi imikhakha efana neHospitality phecelezi imisebenzi ephathelene nokuvakasha, ukusebenza emahhotela, ukupheka nokunye okuningi okukhona kulomkhakha.”

Abe tourism bathe kubathokozisile ukubona abafundi bezikole zendawo behambele lomcimbi ngesikhathi samaholidi. Abafundi baseDingimbiza, Nomakhanzane kanye nabaseZibonele bephume ngobuningi babo bezothola ulwazi.

Okhulumela iSouth Coast Tourism uMaxwell Mhlongo uchazele umphakathi ngeSunny and Safe Campaign yabo ebandakanya ukuhloniphana emphakathini, ukuhlonipha izivakashi emabhishi kanye nemithetho yasebhishi.

Uthe wonke umuntu kumele aziqhenye ngendawo yase South Coast ngoba njengabahlali bakhona yithina abaphathi bayo okumele siyikhankasele futhisiqinisekise ukuthi izivakashi ezifikayo ziyithola isesimweni

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.