Phezani ukuhlawulela ubuntombi eningabuficanga

2015-07-23 06:02

KWAPHINDA kwangisuka lokho kokugwaza ngothi emachideni bese bethunukala abazilonda zabo azikapholi.....enenxeba izothunukala.

Indaba yobuntombi ingumthwalo kabani? Kubalulekile kakhulu ukuthi abazali bentombazane bayilusele eduze kusukela ithomba kuze kube iyogana beyigada ebuntombini bayo beyinika neziyalo ukuze ikhule ngokuziqoqa, ngoba uma ingagadiwe oguluva bazodla besule imilomo bashaye utshani.

Uma umzali ekwazile ukuthi aluse indodakazi yakhe ngobuntombi loko kwenza ihlale ngokuziqoqa nokwesaba ukunikezela ngobuntombi bayo kalula noma ngabe isiyehlulwe yisesheli.

Ukwesaba kuba kabili, okokuqala ukubanjwa ekhaya, okwesibili ukuqhutshwa uyokhomba lapho uhlukane khona nobuntombi bakho.

Ngeke badabule labo guluva abangomahlabadlule njengenaliti uma kuzolandelwa lo mkhuba (anginaso isiqiniseko uma loku kuyisiko). Uma abazali beyigadele eduze indodakazi yabo bangakwazi ukusheshe bayibone uma isigangile bese beyayiqhuba bathi ayiyokhomba lapho ibushiye khona ubuntombi bayo.

Angeke-ke ikhombe endle kodwa izokhomba kubo komfana, yingakho kubalulekile ukuthi wazi kubo komfana ngaphambi kokumqoma.

Uma befika abazali bentombi kubo komfana bangena esibayeni bagweve khona uma benganakwa muntu bashaye izinkomo noma ngabe zingaki baziqhube bese beyishiya khona indodakazi yabo. Leyonto yenza ube mncane umnyango kuguluva ndini osike ikhekhe qede wazama ukubaleka.

Ngenxa yokuthi abazali sebaphucuzeka nezingane zawuvanzi zadibana nemikhuba yezizwe nesikole seTV, sekwaba nhlanga zimuka nomoya. Uthola ukuthi abazali sebegada ingane kunobuntombi.

Kwabanye ingane ihlala zibekwa nje, kwabanye ihlala kudala sebewashintshe bakhathala amadoda. Wena ndoda ebanjwe ngesisu ukhokhela wonke la madoda akuvulela indlela.

Ngokomthetho uma ukhulelisile kumele ungabi namahloni okunqaba ukukhokha inhlawulo yobuntombi uma wazi kahle kamhlophe ukuthi awubuficanga, kodwa ngoba nabafana sebaba ovothobele zibagqolozela emehlweni lezintombi zabo zithi “uma ungithanda uzolifihla ihlazo lami”…bakhokhe-ke noguluva ngoba bejanyiselwe ngothando

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.