Sibonga kungqongqoshe - inqola yezemfundo ifike qathatha eZinqoleni

2015-09-03 06:00
Inqola enobuxhakaxhaka besimanje ezosiza umphakathi eZinqoleni.

Inqola enobuxhakaxhaka besimanje ezosiza umphakathi eZinqoleni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Kuyiqiniso ukuthi ulwazi alunakuvinjwa muntu, futhi akukhathaliseki ukuthi uhlala kuphi, uma-nje unengqondo, kusengenzeka noma yini.

Umaspala waseZinqoleni usuphindile wenza ezibukwayo ngokulanda iloli eligcwele ubuxhakaxhaka balemihla (phecelezi e-learning and information centre), obuzoshintsha izimpilo zabantu basezinqoleni ngendlela engakaze ibonwe, ikakhulukazi abafundi kanye nabantu abasha abajonge ikusasa eliqhakazile.

Sasingazi ukuthi nathi loze line ngakithi. Impela uNkulunkulu usibusisile kumaspala waseZinqoleni ngokuba asinike ubuholi obukhaliphe kangaka kumakhansela nakubaphathi.

Namhlanje sithi kuhle kwethu.

Bazali nani bafundi basezikoleni zaseZinqoleni jabulani nithokoze ngenxa yokuthi nani senizofana nabantu abahlala emadolobheni okulula kubona ukufinyelela kulwazi lwama- computer kanye ne-internet, futhi okwenu kudlulele, nibashiya ngamalengiso ngoba bona bayalukhokhela lolulwazi.

Nina umaspala wenu uzoninika lonke usizo mahhala. Ngokwazi kwethu bambalwa omasipala ezweni lonkana asebebethule loluhlelo lwezemfundo olusezingeni eliphezulu ngaloluhlobo. Nakhetha kahle bantu baseZinqoleni kanti nani makhansela aholwa nguMeya uMpisi naqasha kahle abantu abawaziyo umsebenzi wabo.

Lenqola yokuthula nentuthuko izohambela zonke izikole zasezinqoleni zamabanga aphansi kuya kwaphezulu, kanti nolwazi oluqukethwe luzobe lulungele wonke amabanga ezemfundo.

Zonke izinhlobo zezifundo ezifundwa abantwana bethu zizobe zikhona, ngisho namaphepha okuhlolwa kweminyaka edlule azobe ekhona. Lenqola inomabonakude ozobe ukhangisa izinhlelo zezemfundo ezizosiza abantwana, izinhlelo zikamaspala zizobe zikhona, kanjalo nezinhlelo zikahulumeni wesifunda, owesifundazwe kanye nohulumeni omkhulu zizobe zikhona.

Ngamaholide le nqola izobe ihambela izindawo ezigcwele abantu ingakumbi izitolo (phela manje sesine ‘Boxer’ Mall eZingolweni) ikhangisa imisebenzi emihle eseyenziwe nguhulumeni kule minyaka ewu 20 sathola inkululeko. Uzobe enamanga othi lohulumeni akasebenzi njengoba izikhangiso ezibonisa imisebenzi kahulumeni wonkana zizobe zikhona ukuze imiphakathi yethu isho ukuthi saphuma eGibhithe.

Impela ubuholi busuke bungasengi ezimithiyo uma buthi sinohulumeni onakekelayo, uhulumeni othanda abantu. EZinqoleni intuthuko siyibona ngamehlo, asiyizwa ngendaba. uhlelo lokusebenza kwalenqola luzoqinisekisa ukuthi wonke amaWadi ayavakashelwa ukuze kusizakale wonke umuntu ofisa ukuthola ulwazi eZinqoleni.

Ngisho nentsha engasasebenzi izovakashela leliloli izobheka amathuba emisebenzi kanye namathenda akhishwa nayeminye imikhakha kahulumeni.

Sibonga uMphathiswa wezohulumeni baseMakhaya umama u-Nomusa Dube–Ncube ngokuba asinike umklomelo ka-R1 000 000 ngenxa yokusebenza kwethu okuhle.

Lemali yiyo esenze sakwazi ukuthenga lenqola nalobuxhakaxhaka banamuhla oluzoba lusizo kwizingane zethu – abafundayo nabahlezi emakhaya.

“PHAMBILI NGENTUTHUKO EZINQOLENI PHAMBILI.” Siyathemba ukuthi lenqola izofaka ugqozi kubantu abasha bafise ukuphumelela njengoba ukuthuthuka kwendawo yethu kusemahlombe abantu abasha. ezinqoleni sinabo ubuhlakani bokusebenzisa imali iveze izithelo eziningi, yingako sithi – Faka’ imali’ uzobona

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.