Sigubha inyanga yamasiko

2015-09-17 06:00
PHOTO: precious gumede

Umcimbi womembeso endaweni yakwaMadlala, lapho abakwa mkhwenyane bezombathisa abakwaShinga kubo kamakoti.

PHOTO: precious gumede Umcimbi womembeso endaweni yakwaMadlala, lapho abakwa mkhwenyane bezombathisa abakwaShinga kubo kamakoti.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INYANGA kaMandulo (September) inyanga yamasiko ezinhlobo zonke zigubha amagugu azo.

Amasiko nemikhuba yiwo asinika indabuko nasenza sehluke kwezinye izizwe.

Isibonelo kungaba wukuthi esiNdebeleni akuvumelekile ukuthi uxhawule abantu izandla kodwa okujwayelekile ukuthi umuntu wesifazane uyaguqa lapho ephambi kwabantu okuyindlela ababingelana ngayo.

Lokhu kuveza ukuthi njengoba sonke singabantu abansundu amasiko ethu ayashiyana. Njengoba nje izikhathi sezitshintshile, lamasiko aseyashabalala.

Sikhulume noThabani Duma ubengumkhongi emcimbini wokulobola womfowabo.

UDuma uthe njengamaZulu usiko lwelobolo luhlale lukhona ngisho noma ungeke ushade umshado omkhulu. Uthe indlela idlula ekubikeni ebazalini nasemindenini yomibili ukuthi sewuthole umaqondana wakho, noma usufuna ukuthatha umfazi njengendoda.

“Uma kuyolotsholwa owesilisa ukhetha ithimba elizoya kommela kubo kantombazane. Uma omalume bakhe bekhona kujwayele ukuthi kube yibona abayocela isihlobo esihle,” kusho uDuma.

“Okubaluleke kakhulu uma uyocela isihlobo esihle ukuthi wazi izithakazelo zakubo kamakothi uma sewufikile emasangweni akhona.

UDuma uthi uma uya kokhonga uvuka udabulukusa ufike kulowo muzi kungakavukwa bezwe ngengila isho emnyango isho izithakazelo isho nokuthi kuzocelwa isihlobo esihle.

Uthe ngaphambi kokuthi uye khona kumele ube nemali ebhekile ukuze uma bebiza izinto zakhona ukwazi ukushaya imali phansi.

“Kudala kwakuqhutshwa izinkomo eziphilayo kepha ngokushintsha kwezikhathi sekuba yimali,” kusho uDuma.

Uthe abakhongi bayavulelwa amasango bangene endlini, ngaphambi kokuthi kuqale izinxoxo ubaba kamakoti uye avulwe umlomo ngemali ayibizayo.

“Imali ejawelekile yemvula mlomo kuba uR250 kuya ku R500. Leyo mali ayiphikiswa, kusho uDuma.

emva kwemvulamlomo abakhongi bayasho ukuthi bezengani nezinkomo ezingaki,” kusho uDuma.

Imindeni yombili ebese ixoxisana kubizwe izinkomo ngamagama azo.

Ubikibiki, ubhaqa, umqhoyiso, umumba, imvula, unozungeza, inhlabisamthimba, isibhoma kanye nebheka.

“Imvula ibalwa kungakaqalwa nokukhulunywa ngamalobolo esangweni.” kusho uDuma.

Uthe uma inkomo yokuqala ingu R8 000 ezinye ezilandelayo ziyehliselwa ngayinye.

“Emva kwamalobolo abazali bentombazane basho izibizo zabo ukuyizipho ezivela kwamkhwenyane wabo. Lezizipho zilethwa mhla kuzokwembeswa,” kusho uDuma.

Emva kwamalobolo kulandela umembeso lapho umkhwenyane ezombhathisa umndeni wakwamakoti naye esezovela emzini.

“Ngomembeso, kuphathwa amagusha, izingubo zokulala, amaphinifa kane namahembe abesilisa,” kusho uDuma.

Esikhathini samanje umkhwenyane uye ambathise aphinde acele isithandwa sakhe, asifake indandatho ekhombisayo ukuthi usethembisa umshado.

UDuma uthe okulandelalyo kuba umbondo lapho abakwamakoti bembathisa abakwamkhwenyane.

“Umbondo ilapho umakoti ehambisana nabodadewabo izihlobo nabangani eyovela emzini,’ kusho uDuma.

“Okugcina ngaphambi komshado abakwamakoti baye bayobheka izinkomo, bese kuyashadwa,” kusho uDuma.

Okusha ukuvelile okuphikisana nesintu iwebusayithi ebizwa ngelobola.net lapho owesilisa ekwazi ukubheka ukuthi ungamlobola ngamalini umuntu wakhe ebheka ukuthi usebenzaphi, unayo yini ingane nanokuthi uhola malini. Abaningi asebeyisebenzisile lewebusayiti abesifazane bebheka ukuthi umakukhona ofuna ukumthatha angalungisa intengakanani bathi baphoxeke kakhulu ngengo ivele ithi ufanelwe ngu R20 000 noma ngaphansi uma enengane

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.