Abaculi bamaskandi balwisana nobugebengu oGwini

2018-05-24 06:01

ABACULI bamaskandi ePort Shepstone bamema umphakathi ukuba uhlanganyele nabo emkhankasweni nekhonsathi yokulwisana nokubulawa kwabesifazane, izingane nabebala elimhlophe, ngosuku lweNtsha ngomhla ka-16 kuNhlangulana (June) KwaMatu Centre .

Lo mcimbi uzobe unesiqubulo esithi Phansi ngokuhlukunyezwa Komama, Ukubulawa Kwezingane Nabebala Elimhlophe.

Omunye wabahleli bomcimbi uMnuz Sivuyile Mgojo uthe lo mcimbi uzoqala ngomkhuleko njengoba kumenywe amabandla ahlukene ukuba abe yingxenye yalo mcimbi ngenhloso yokukhulekela lezi zigemeko zalabo ababulawayo.

Uthe: “Uma sekukhulekiwe zizobe sesiqala umcimbi lapho sizobe sinandisa khona ngomculo. Abaningi bayazi ukuthi umculo kamaskandi udlala indima enkulu ekudluliseni umyalezo emphakathini.

“Sicela abazenkolo nomphakathi ukuba bahlanganyele nathi kulo mcimbi ukuze sikhulekele lomkhuba osewandile ezweni lethu.

“Sizwile emasontweni adlule ngezingane ezibulewe kwantshontswa nezicubu zazo. Lolu daba lusiphathe kabi singabaculi bamaskandi,” kusho uMnuz Mgojo.

Uthe kumele umphakathi ubambisane ukuze lomkhuba ungaqhubeki nendawo yethu ingadumi kabi.

“Lezehlakalo zimbi futhi zicekela phansi indawo yethu kwezomnotho nakwezokuvakasha. Yingakho kumele sisukume silwe futhi sidlulise umyalezo ezindaweni zonke, nakomasipala bonke abangaphansi koGu.”

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngalo mcimbi xhumana noMnuz Nkanyiso Ngwazi enombolweni ethi: 072 729 5523 noma uMnuz Sivuyile Mgojo enombolweni ethi: 073 383 6325.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.