Abamatekisi banikele kokhubazekile

2018-08-09 06:01
Abe Rank To Rank banikele nge-wheelchair. Kusukela kwesokunxele uMnuz Ayanda Msweli, uMnuz Smanga Mqadi, uMnuz Popo Cele noMnuz Mahoyi Shazi [kwi-wheelchair].ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Abe Rank To Rank banikele nge-wheelchair. Kusukela kwesokunxele uMnuz Ayanda Msweli, uMnuz Smanga Mqadi, uMnuz Popo Cele noMnuz Mahoyi Shazi [kwi-wheelchair].ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yamatekisi ebizwa ngeRank To Rank igasele erenke yamatekisi yasePort Shepstone ngolwesithathu olwedlule yanikela ensizweni ebese yaziwa kakhulu enkabeni yedolobha lasePort Shepstone ngokuhuquza phansi ngamadoli ibophele amathayi emoto emadolweni ngenxa yokukhubazeka.

Lensizwa enguMahoyi Shazi kuthiwa yabonwa ngosomatekisi nababe sebexhumana nomsamariya olungileyo wayithengela isihlalo sokuhamba (wheelchair).

Lolusuku lokunikela nge-wheelchair luhanjelwe nayilowo ongumsakazi wezemigwaqo kuKhozi FM uMnuz Ayanda Msweli.

Ekhuluma nabamatekisi uMnuz Msweli uthe kubalulekile ukuthi kube khona ukubambisana phakathi kwabagibeli nabashayeli ngoba lokho kuletha uzinzo nokuhloniphana emgwaqweni.

Uthi ukuhlonipha imithetho yemigwaqo ikhona okwenza kunciphe izingozi nokulahleka kwemiphefumulo isidingo singekho.

“Akusizi ukuthi umshayeli ahlale njalo ejahile kanti akusizi futhi ukuthi umgibeli aphume sekuhambe isikhathi bese elokhu efuqa umshayeli ukuthi akaphuthume ujahile,” kusho uMnuz Msweli.

Uphinde wancoma kakhulu indlela abaphathi nabasebenzisi berenke yaseSayidi abazihlonipha ngayo njengoba eveze ukuthi isenzo sabo sokunikela ngesihlalo sikhombisa ukuthi babambisene nemiphakathi yabo.

“Lokhu abakwenzayo bakhombisa ngokusobala ukuthi abanikazi bemboni yamatetikisi baku lendawo bawukhathalele futhi bayawuhlonipha umphakathi wabo,” kuphetha yena

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.