Abaziveze abantshontsha ugesi

2018-10-04 06:01

SEKUVELE kwacaca njengekati ehlungwini ukuthi ukwebiwa kukagesi kuyinsakavukela umchilo wesidwaba ezindaweni eziningi njengalokhu sekuvele nokuthi osomabhizinisi ngisho enkabeni yedolobha nabo bayawenza lomkhuba.

Kamuva nje ucwaningo olwenziwe ngumasipala waseRay Nkonyeni luveza ukuthi abantu abaningi banezigubhu ezicushiwe lokho okwenza kudleke kakhulu labo abawukhokhelayo futhi abaziphethe kahle ekulandeleni umthetho.

Esithangameni sabezindaba uMeya womkhandlu uCynthia Mqwebu ekhuluma uthe umkhandlu uthole ukuthi iningi labantu liyawuntshontsha ugesi lokho okwenza ukuthi kugcine sekuba khona ukuxhaphazeka kulabo abawukhokhela ngokusemthethweni.

Kamuva kuke kwavela ukuthi izindawo zakoMurchison, Boboyi, Nyandezulu, Mkholombe iningi labantu abanemiqasho ugesi wakhona usuke ucushiwe ekubeni usuke uphakela inqwaba yabantu ngalesosikhathi.

Omunye ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uveze ukuthi yena indawo aqashe kuyona inezindlu ezingaphezu kwezingama-20 kodwa selokhane ahlala kuyona leyondawo iminyaka engaphezu kweyisikhombisa akakaze nangolulodwa usuku akhokhe noma ezwe kuthi kumele akhokhele ugesi kodwa awupheli uhlala ukhona

Uthe inkinga iqala uma kungukuthi uke wahamba lapho uvele kuwe iswishi phezulu esigxobeni bese kuphoqeleka ukuthi akuphele izinsuku umphakathi ungenawo ugesi.

Uthi uMqwebu bonke labo abayizaphulamthetho kufanele bazilethe bona kwamasipala ukuze kwenziwe izinhlelo zokuthi bakhokhele ugesi ungaze kube ngukuthi umkhandlu uzibambela wona mathupha njengalokhu beyogcina sebethathelwa izinyathelo ezinqala impela.

“Abeze bazoziceba ngoba uma sike sazibambela thina, sisho ikakhulukazi laba bamabhizinisi njengalokhu bexhaphaza labo abawukhokhelayo izijezo zabo angeke zibe lula nakancane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.