Ake sibheke umculo wasekhaya noMshedis

2016-06-23 06:00
PHOTO: precious Gumede UMshedis Xolo weRadio Sunny South.

PHOTO: precious Gumede UMshedis Xolo weRadio Sunny South.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ULWAZI lukaMshedis Xolo ngomculo lumangaza abaningi.

Eminyakeni aseyiphilile kuningi akuzuzile ngokwazi umculo onhlobonhlobo.

Kulelisonto, lomsakazi weRadio Sunny South uthe akacobelele abafundi beFever ngolwazi analo ngomculo wombaqanga.

UMshedis uthi lomculo waqala kudala ngezikhathi zawo 1960.

“Wawuzwakala emalokishini nasezindaweni zasezimayini lapho kwakuhlala khona abantu abamnyama, ikakhulukazi elokishini lase Sophiatown eGoli.

Umculo wombaqanga ngingasho ngithi uyisisusa somculo walapha eNingizimu Afrika kubantu abamnyama. Lokhu ngikusho ngoba umculo wamarabi, Afro jazz, umgxobanyawo kanye nekhwela-khwela, kusuka kumbaqanga,” esho kanje.

UMshedis uthi lomculo iwona labo ababesebenza kanzima ababeziduduza ngawo emuva kokusebenza ngesikhathi sobandlululo.

Izinkampani zokuqopha lomculo kwakuyilezo zabamhlophe, incane kakhulu imali eyayiholwa abaculi ngaleyomnyaka, njengayo inkosi yomculo woMbaqanga uSimon Mahlathini Nkabinde, owayephinde aziwe nge ‘lion of Soweto’. UMahlathini wagcina eshone ezihluphekela.

“Elinye iqembu elalidume ngaleso sikhathi iMakgona Tsohle Band. Iqembu leli elalihlanganise amalunga ayesebenza emajalidini ePitoli, lapho ngibala uMarks Mankwane owayedlala isiginci (lead guitar), Joseph Makhwela kwibass guitar, Lucky Monana kumadilamu kanye noWest Nkosi kwisaxophone. Angeke ngikhohlwe amaqembu ayibeke induku ebandla njenge Mahotela Queens abaphinde baziwe ngezintombi zomgqashiyo.”

Uthi abanye abantu bayaye babe nokudideka bazitshele ukuthi leliqembu iSoul Brothers lalicula umculo weSoul kanti akunjalo. “Leliqembu ligxile kumculo womxoba nyawo ozalwe uMbaqanga,” kusho uMshedis.

UMshedis uthe uyophinde anabe ngomculo weSoul ngolunye usuku.

Uthe lomculo uMbaqanga uhambe waya uncipha ngenxa yokushintsha kwezinga nokuphucuzeka komculo lapha eNingizimu Afrika.

Umshedis uvale ingxoxo yakhe wathi uzophinde abuye futhi azokhuluma ngulunye uhlobo lomculo, imvelaphi nomsuka wawo. Uzophinde axoxe nangezihlabani ezaziwayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.