Akukho okungakuvimba ngaphandle kwakho uqobo

2016-10-13 06:00

ISIKHATHI sokubhala ukuhlola kokuphela konyaka sesisondele. Unyaka uqale ezinyangeni eziyishumi ezedlule. Kusona sonke lesisikhathi kade uqeqeshwa ufundiswa wenziwa umuntu ozolungela ukubhekana ngqo nokuhlolwa kokuphela konyaka njengomfundi kamatikuletsheni. Uma ubheka uthola ukuthi ufundiswe izinyanga eziyishumi ukubhala iphepha lamahora amathathu noma ngaphansi. Uhulumeni wenze konke ukuqonisekisa ukuthi ukulungele loku njengomfundi ka matric. Kokunye uhulumeni akwenzile ukubeka uthisha phambi kwakho njengomfundi, ukuletha izinsiza zokufunda nokunye okuningi. Akukho okungakuvimba ukuthi uphumelele ngaphandle kwakho uqobo.

Umatikuletsheni isisekelo esibalulekile enganeni uma ihlose ukuqhubekela phambili iphile impilo engcono. Imfundo eyisisekelo ihlose ukuthi icwije futhi ikhiphe inkunzi yakusasa ematholeni. Onjiniyela, odokotela, ochwepheshe nabobonke oSolwazi nezazi ezikhona zaqala zaqinisa amatomu emfundweni esemazingeni aphansi. Kulemfundo esemazingeni aphansi kusuke kungeve kwakhiwa wena njengomfundi kodwa kwakhiwa ikusasa leNingizumu Afrika ngawe. Uwena mfundi ozoqhubekela phambili lapho thina sesikhathele ukuba oMeya, oMongameli, oNdunankulu kulelizwe. Loko uyokwenza ngempumelelo uma uhloniphile wazimisela.

Akekho umuntu owake wathi kulula ka-matric kodwa kudingeka ukuthi uzimisele. Akusizi ukuthi ubhale wenzele ukuthi uphume ephepheni kodwa kumele uqinisekise ukuthi umatikuletsheni wakho uma uqhathaniswa nabanye ube umatikuletsheni osezingeni eliphezulu. Akube umatikuletsheni ozokwazi ukuthi uma ufuna ukuyofunda eNyuvesi nanoma ikuphi usheshe ukwazi ukungena. Khumbula mfundi ukuthi amaNyuvesi asebenzisa amaphuzu ukuthatha abafundi. Qinisekisa ukuthi uphumelela ngamalengiso ukuze uthathwe kalula ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ukuphumelela kahle kwenza nokuthi imifundaze uyithole kalula.

Kubalulekile ukuthi wazi njalo ukuthi awuzenzeli wena kodwa wenzele isizwe sonke saseNingizimu Afrika. Uma sewuphumelele singuMasipala waseMzumbe sisenalo uhlelo lokukhokhela imali yokubhalisa umfundi othathiwe esikhungweni sezemfundo ephakeme. Loko kwenzeka kalula uma uphumelele kahle umatikuletsheni. Iminyaka emibili edlule lehle kakhulu izinga lokuphumelela kwabafundi. Loko kuze kwaphoqa ukuthi imali ebesiyihlelele ukukhokhela abafundi imali yokubhalisa siyiphindisele emuva.

Sukumanike nibhukule niqinisekise ukuthi niyafunda ngokuzimisela nokuzikhandla. Othisha bakhona ukunilekelela ukunikhanyisela lapho kunenkinga khona emfundweni. Ukufunda akukheli. Nginifisela okuhle kodwa ekuzilungiseleleni ukubhala nasekubhaleni kwenu. Hlala wazi ukuthi akukho okungakuvimba ukuthi uphumelele ngaphandle kwakho uqobo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.