Amakhosi azoma neSilo

2018-07-19 06:01

SEKUVELE imibiko ethi sekukhona amakhosi esifunda iLower South Coast aseqalile ukuhlangana izinguyazana edingida udaba lokuthathwa komhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ngaphandle kwesinxephezelo.

Le mibiko iqhamuka nje iSilo samaBandla uGoodwil Zwelithini useke wahlanganisa amabutho lapho ebezwakalisa khona ulaka lwakhe ngodaba lwalo mthetho okusaboniswana ngawo wokuba kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

Umthombo osondelene noMnyango weziNdaba zamaKhosi uthi sekukaningi amakhosi eyingqumuza indaba yokuthi ngeke avume ukuba umhlaba woyisemkhulu uvele uthathwe nje kalula kanjalo.

Uthi amanye amakhosi athi angenza noma yini esemandleni ukulekelela iSilo uma kuwukuthi kumele kwenziwe okuthile ukuze kuvikelwe umhlaba.

Enye iNkosi engathandanga ukudalulwa itshele iphephandaba iFever ukuthi ayiqali lento yokuthi kube khona abafuna ukudla umhlaba ongaphansi kwamakhosi kodwa yikona ukuthi bekusayinto ebukelwa kude.

Ithi sekwenziwa sengathi yinto entsha kanti vele kade yaqala imizamo yokuthi amakhosi aphucwe umhlaba woyisemkhulu.

Ithe: “Mina ngingasho ngingananazi nje ukuthi isekude ukuphela le ngoba kuyimanje eminye yemizamo abafuna ukusidlela ngayo okungokwethu, ngeke sivume kalula.”

Ngokuthola ngomunye umthombo osondelene nehhovisi lamaKhosi elisesifundeni uGu, uthi amakhosi aseke ahlangana amahlandla amaningi ukudingida lolu daba kodwa singabibikho isisombululo ngoba bekusalindwe ukuba kukhulume uNgangezwe Lakhe.

Lo mthombo uqhube wathi amakhosi amaningi ayesaba ukuphumela obala ngalolu daba njengoba kubukeka njengodaba olubucayi futhi kungase kubekhona amakhosi athile aphucwa iphalishi uma ekhuluma ngalo lolu daba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.