Atholelwe isikole amantombazane amabili

2018-02-15 06:00

ABANTWANA ababili abasebancane batholelwe isikole umasipala waseMzumbe emva kokuzwa udaba lwabo emsakazweni iGagasi FM ngesonto eledlule.

Okhulumela umasipala uMnu Sabelo Ncwane uthe njengenjwayelo uMeya womkhandlu uMnu Sizwe Ngcobo uba nohlelo emsakazweni njalo ngenyanga.

“Kule nyanga uMeya waseMzumbe kanye nomeya yomkhandlu Ugu bahlangenyele ezindlini zomsakazo, bendingida izinkinga zomphakathi, bethula nezihlelo lemikhandlu enazo zokuthuthukiswa kwemiphakathi,” kusho uNcwane.

Uthe ngesikhathi kuvulelwe abomphakathi ithuba lokubuza imibuzo, kube nomama ofonile wacela ukuba izimeya zingenelele odabeni lwezingane zamantomabaze ezimbili zaseNyangwini eMthwalume.

UNksz Jane Mckenzie ongumakhelwane wezingane uthe udaba lalabantwana amabili abaneminyaka e-9 neyi-10 belumphatha kabi kakhulu. Kusukela ngonyaka odlule labantwana abafundi, bahlala nomama wabo osemncane osebenza kwesinye sezitolo endaweni.

“Ngaqala ukubona umama wabantwana kwamakhelwane, kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngabona lamantombazanyana edlala nabazukulu bami la egcekeni kwami. Ngokuhamba kwesikhathi ngazibuza ukuthi kungani labantwana bengafundi. Ngahamba ngayobuza umama wabo owangitshela ukthi akasitholi esikole lapho bengafunda khona. Umama wabo wangilandisa ukthi basuka eGoli kanti basanga kushonelwa ngugogo walezi zingane.

UMckenzie uthe naye njengomzali wazizwa ebuhlungu njalo uma ebona lezingane zidlala emgwaqweni zonke izinsuku ngesikhathi sesikole. Nasemphakathini sezibizwa ngamagama angasile. “Khona ngonyaka odlule ngazama ukwenza imizamo yokuba ngithole isikole esinganozwelo sizithathe lezingane, yize noma unyaka wawusuphela, kepha kwangenzeka. Kuthe kuqalal unyaka ngaphinde ngakhuluma nomawazo wangitshela ukthi akasitholi isikole,” kusho UMckenzie.

“Kuthe kudlala loluhlelo leGagasi, ngabona ukuthi kungcono ngazise uMeya ngaloludaba, kanti yilapho ngizothola khona usizo. Ngakusasa ngahlangana noMnu Trevor Khanyile okunguyena ongixhumanisile nomunye uzakwabo, kwaba ukuthi isikole siyasithola Esibanini Primary, izingane zaqala zafunda. Ngizizwa ngijabule kakhulu, nazo izingane zijabule,” kusho uMckenzie.

Uqhubeke wathi izinhlelo zokuthi abantwana bathole imfanekiso yesikole ziyaqhubeka, okwamanje bagqoka ezindala. “Amantombazanyana ayafunda futhi ajabulile. Imfundo ibalulekile kakhulu ezinganeni. Ngithanda ukubonga uMasipala waseMzumbe ngokusukumela loludaba,” kusho uMckenzie.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.