Awugculisekile umphakathi eMzumbe

2016-09-08 06:00

UMPHAKATHI waseMzumbe awugculisekile neze ngezinsiza emphakathini wawo ikakhulukazi kuWard 10, eMakhoso naseSibanini. Ilungu lomphakathi uMnuz Phumlani Ngcobo, obengumsebenzi kamasipala osethathe umhlalaphansi, uthe akubajabulisi abahlali ukuthi osopolitiki benza konke okusemandleni abo ukuthola amavoti umakuyiwa okhethweni.

“Osopolitiki bafika ngobuningi babo bezokhankasa benze izithembiso abangazifezi. Sengihlale kulendawo iminyaka emihlanu kepha akukho shintsho engilubonayo,” kusho uMnuz Ngcobo.

UMnuz Ngcobo uthe bathenjiswa ugesi, amanzi kanye nokwakhelwa imigwaqo kepha dololo.

Uthe uma ethi ulandela udaba lukagesi kulabo abenza izithembiso utshelwe ukuthi kumele azixhumele yena ugesi emzini wakhe.

“Ngitshelwe ukuthi kumele ngikhokhe imali engango R6 000 uma ngifuna ugesi kepha ngesikhathi kukhankaswa akushiwongo lutho ngezimali ekumele sizikhokhe njengabahlali,” kusho uMnuz Ngcobo.

UMnuz Ngcobo uthe inhlangano ebusayo ayibanakanga abahlali kodwa ibazi nje uma ifuna amavoti. Uthe kuke kumfikele ukuthi umakuthiwa abantu bavotela ihlangano ephikisayo kungajani.

“Umangicabanga impela mhlampe lungaba khona ushintsho umasingavotela inhlangano ephikisayo. ngaphandle kokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya uma uhamba la emadolobeni uyabona nje ukuthi akukho okwenziwayo, amadoloba angcolile,” kusho uMnuz Ngcobo. Umkhandlu waseMzumbe uthintiwe ngaloludaba. Okhulumela umkhandlu uMnuz Trevor Khanyile uthe kubalulekile ukuveza isithombe ekuyisona ngendawo yakuWard 10.

“Le wodi ingelinye lamawodi elinakho konke, inkinga esijwayele ukuba nayo eyokufika kwezakhamuzi ezintsha endaweni,” kusho uMnuz Khanyile. Uthe umasipala udaba lukagesi ulikhuluma no-Eskom okuyibona ababonayo ukuthi bangakwazi ukuwufaka bagcinephi.

“Ngingaqinisekisa ukuthi umsebenzi ka-Eskom wokufaka ugesi ezindlini ngohlelo lawo usaqhubeka kuyona lendawo,” kusho uMnuz Khanyile.

Uqhubeke wathi u-Eskom ubikile kumasipala ukuthi lendawo inezakhamuzi eziningi kodwa amandla abanawo awanele, nokuthi uma u-Eskom usunamandla anele bazoqhubekela phambili beye ezindaweni abangafinyelelanga kuzona.

“Njemgamanje kwaMgayi izindlu ezilinani elingu 600, ezingu 500 eHlokozi kanye nezingu 500 endaweni yaseCabhane ezizothola ugesi, iwona amandla u-Eskom anawo okwamanje esivumelene ukuthi zizoxhunyelwa ugesi,” kusho uMnuz Khanyile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.