Bacobelelane ngolwazi esithangamini

2017-08-10 06:00
IZITHOMBE: THami ka-kankosiAmanye amadoda abephume ngobuningi bawo kulembizo.

IZITHOMBE: THami ka-kankosiAmanye amadoda abephume ngobuningi bawo kulembizo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INDLELA yokuziphatha nokudlala indima ebalulekile emphakathini iyo ebiseqhulwini ngesikhathi kunesithangami samadoda wodwa endaweni yakwaMachi ngoLwesihlanu olwedlule.

Umasipala woGu uhlanganise lesisithangami lapho bekuzokhulunywa ngezindaba ezithinta amadoda ngqo. Kokunye okukhulunywe ngakho indima nendlela amadoda okufanele aziphathe ngayo emphakathini kanye neqhaza okufanele libanjwe amadoda ekukhulisweni kwezingane, ikakhulukazi lezo zabafana.

Izikhulumi ngokulandelana kwazo zikubeke kwacaca ukuthi izithangami ezifana nalezi zibaluleke kakhulu, njengalokhu kuyilapho amadoda ethola khona ithuba lokukhuluma ngokukhululeka ngezingqinamba abhekana nazo.

Ngaphandle kukaMeya woGu owethule inkulumo yosuku, ezinye izikhulumi kubalwa Inkosi yesizwe sakwaMachi Kanye noMnu Sibusiso Mhlakwane, ongusihlalo wophiko olubhekelele inhlalakahle yamadoda kwisiyingi soGu.

Abebethamele lesithangami baphinde banikwa ithuba lokuba baphefumule, nalapho kugqame ngokusobala ukuthi ziningi izingqinamba ezibhekene namadoda, kodwa inkinga ukuthi noma amadoda ezibika izinkinga zawo, azinakwa muntu.

Bakhale ngokuthi bavele aphenduke inhlekisa uma ebika usizi nezingqinamba abhekana nazo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.