Bafuna kucaciswe ngokuqashwa

2017-12-07 06:00

UPHIKO lwentsha ngaphansi kwenhlangano yeSouth African Communist Party (SACP) luthi sekufike lapho selihluleka khona ukubekezelela indaba yokuba kudlalwe ngabantu abasha bathenjiswe imisebenzi kodwa ekugcineni kugcine kungacacanga ukuthi iphelela kuphi. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba kwaphuma isikhangiso semisebenzi kamasipala waseRay NKonyeni kodwa okungakaze kuqashwe bantu kuyona kuze kube imanje.

UMnu Mzamo Nyawose ongunobhala weSACPYL uthi kunezikhala eziyinqwaba ezakhangiswa ngumasipala waseRay Nkonyeni kodwa kuze kube yimanje akuveli ukuthi kwenzekalani ngazo. Uthi lezi zikhala ezakhangiswa ngenyanga kaNhlaba (May) abantu abasha basadukuza ebumnyameni njengalokhu ethi bayakholelwa ekutheni abantu abakaze babizwe sanhlobo ukuze baye kunhlolokhono.

Uthi beNgufasimba okubakhathaza kakhulu ngukuthi kukhona osopolitiki abathile asebesebenzisa lezi zikhala ukuzuza amaphuzu ngokwezepolitiki.

“Sikhathazekile ngoba abantu abasha balesi sifunda abaqashiwe futhi bayayidinga imisebenzi,” kusho yena.

Uthi ukumiswa kwalemisebenzi kungaqhutshekwa nokuqashwa abasebenzi kwenza ngisho intuthuko ingaqhubekeli phambili kulokhu kuthiwa kukhona izikhala ezisagcwaliswa.

Okhulumela umasipala uMnu Simon April uvumile ukuthi umasipala unezikhala owazikhangisa kodwa ezinye zazo ezingakagcwaliswa njengalokhu kusahlelwa indlela yokubanjwa kwenhlolokhono. Uthi ngesihathi kukhishwa lezi zikhangiso kwaphoqa ukuba kungasheshi ukuba kwenziwe inhlolokhono ngoba kwakusamele amakhansela aqale emukele uthetho nomgomo wokuqasha.

Uthe zonke izikhala zizogcwaliswa kodwa ngukuthi umasipala usafuna ukuqedela nokulangela imigudu efanele ukuze kube ngukuthi kuqashwa ngendlela eyiyona ayi enokwenzelela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.