Bakhala ngokukhuphuka kweyokugibela ematekisini

2018-07-12 06:00
isithombe: thami ka-nkosi Umgibeli ehlika etekisini esuka eMurchison.

isithombe: thami ka-nkosi Umgibeli ehlika etekisini esuka eMurchison.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yamatekisi iSouth African Taxi Council (Santaco) isimemezele ukuthi imali yokugibela iyakhuphuka kusukela kuqale kwalenyanga (July).

Imali yokugibela ikhuphuke ngelandi (rand) elilodwa ezindaweni eziningi kodwa kwezinye izindawo abagibeli bazokhokha cishe upondo ngaphezulu.

Kwamanye amatekisi ikakhulukazi ahambela eMurchison, eMargate, oShabeni,eMthwalume naseGamalakhe ukubala izindawo ezimbalwa sikhona isexwayiso esitshela abagibeli ngokukhuphuka kwemali ematekisini.

Nakuba amalungu omphakathi engayithathi kalula eyokukhuphuka kwemali yamatekisi kodwa sekuzoba yinto okuyomele bephile nayo njengoba ukukhuphuka kugxekwa entengweni kaphethiloli ekhuphuka njalo. Iningi labanikazi bezimoto bakhala ngokuthi kuyabethusa ukuthi intengo kaphethiloli isikhuphuke yaze yafinyelela kumarandi angama-15 nemfalakahlana.

Amanye amalungu omphakathi athe ukunyuka kwentengo kaphethiloli, ukudla nokukhuphuka kwemali yokugibela ematekisini bakugxeka ekushintsheni kobuholi bezepolitiki.

Omunye umgibeli waseMargate uthi bekungenje ngesikhathi kuphethe uMnuz Jacob Zuma njengo Mengameli, kodwa manje njengoba sekuqhoqhobele uMnuz Cyril Ramaphosa zonke izinto zikhuphuka kanzima othe kwenza impilo ibe nzima.

“Amaholo awakhuphuki, kukhuphuka intengo yezinto zonke-nje kuphela, kudlalwa ngathi phela makunje,” kusho lomgibeli.

Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga kudalulwe igama lalo lizwakale limemeza etekisini ngoMsombuluko ekuseni esuka eMurchison lithi nakuba kubonakala ukuthi isimo somnotho sithanda ukungabi sihle kodwa indaba yokukhuphuka kwemali yokugibela kubonakala kuzobhoboza amaphakethe kwabaningi.

UThabiso Mthembu ongumgibeli osebenzela eMargate uthi yena kuzomele akhokhe imali engango-R60 kuya ngaphezulu njengoba amatekisi asuka eMargate evele akhuphuka ngopondo wonke ekubeni eMarchison kuzokhokhwa ishumi ngaphezulu.

UWendy Mqadi waseNkothaneni osebenza ePort Shepstone uthi yena sekumele alungise imali engange-R48 uma eya noma ebuya emsebenzini, kodwa ekuqaleni ubekhokha u-R40 kuphela.

Uthe: “Okubi kakhulu wukuthi kwesinye isikhathi indlela abashayeli abashayela ngayo ngathi abacabangi ukuthi nathi lemali esiyikhokhayo sisuke siyisebenzela kanzima bona bavele bashayele ukuthanda kwabo futhi basiphathise okwezinhlanya.”

UMbalenhla Nxumalo ongumfundi wase-Marburg Secondary uthi nakuba kuzwela kubazali ukukhushulwa kwemali yokugibela ematekisini kodwa isizathu sicishe sibonakale njengoba izinto zithanda ukumba eqolo kulezi zinsuku.

Omunye wabagibeli uthi kuzoke kubenzima nakulabo abathanda ukuhlala ngaphambili njengoba sekufana nomgomo ukubala ushintshi. Okhulumela lenhlangano uMnuz Mandla Mzelemu uthe lokhu kuyinto ejwayelekile ngakho kuzomele umphakathi uyijwayele njengoba nabemboni yamatekisi bephoqwa isimo sokukhuphuka kwezinto.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.