Bakhathazeke ngokungaqedwa kokwakhiwa kwezindlu

2018-08-16 06:00
ISITHOMBE : SITHUNYELWEUmholi wamakhansela e-DA kuMasipala wasoGwini uMnuz Leonard Ngcobo emi noNks Gasta Khwela waseNgcengesi ekhombisa indlu eyagcina ngokwakhiwa iphansi layo eminyakeni emibili eyedlule.

ISITHOMBE : SITHUNYELWEUmholi wamakhansela e-DA kuMasipala wasoGwini uMnuz Leonard Ngcobo emi noNks Gasta Khwela waseNgcengesi ekhombisa indlu eyagcina ngokwakhiwa iphansi layo eminyakeni emibili eyedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU le-Democratic Alliance (DA) ngaphansi kukaMasipala waseMzumbe selizwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokungaqedwa kokwakhiwa kwezindlu zomphakathi.

Lesikhalazo sivezwe ngumholi weqembu kwaMasipala woGu uMnuz Leonard Ngcobo othe lezi zindlu zagcina ngokuthi kwakhiwe isisekelo sazo (foundation)eminyakeni emibili eyedlule kodwa kwase kuma kanjalo.

Izindawo okuyizona okubonakala kugqoza kuzona ukuthi kuqedwe ukwakhiwa kubalwa iNgcengesi, iManyonga, Inkwazi, Uphongolo naseGumatane.

“Lezindlu selokhu zama ukwakhiwa ngonyaka ka-2015 asazi noma imali yazo isakhona yini noma kwenzakalani, kodwa kuze kube yimanje imiphakathi isalokhu ihleli ingazi noma liyasa noma liyashona,” kusho uMnuz Ngcobo.

UMapholoba uqhube wathi okubuhlungu kakhulu imindeni ehlalele ovalweni njengoba kubonakala nesimo sezulu siba sibi kakhulu kulezi zinsuku kanti nemizi yalabo abangakakhelwa kuze kube yimanje ayikho esimeni esigculisayo sokuba kungahlala kuyona abantu.

“Kukhona izalukwazi ezihlala nabazukulu eziquba ezindlini zorawondi, uma kungase kufike isiphepho noma izimvula ezinamandla lemindeni ingasala dengwane,” kubeka yena.

Uqhube wathi ngisho uMasipala waseMzumbe imbala awusho lutho ngalolu daba kanti noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu awusho lutho ngalolu daba.

“Sesibone kufanelekile ukuba sibhalele uNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Ravi Pillay ukuze asicacisele ukuthi ngabe inkinga ikuphi ngokuthi kuqhutshekwe nokwakhiwa kwalezindlu ngoba asisayiboni inqubekela phambili,”kuqhuba uMnuz Ngcobo.

Uphinde waveza ukuthi kungenzeka ukuthi imali seyehlika ngemilenze kulabo abebenikezwe lomsebenzi wokwakha lezizindlu kanti lokho kungenza ukuba kungaqhutshekwa nomsebenzi wokuthuthukisa izimpilo zabantu.

“imiphakathi yasemakhaya isivele yamukele noma ngabe yisiphi isimo ngoba ayikwazi ukuzikhulumela, yingakho sithatha igxathu lokuba sibakhulumele ngoba bavele bamukele noma ngabe esiphi isimo noma singesihle,”kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.