AMALUNGU omphakathi asendaweni yase Sdeni eGamalakhe maduzane neposi elikhulu athi akhathele ukuhlala nemfucumfucu kadoti olahlwa emgaqweni ibe ikhona indawo yokubeka udoti eyaziwayo.
Lamalungu athathe isikhathi sawo ahlangana ayokuculula kulendawo ebese inuka ngendlela engathokozisi. Omunye wabo uNksz Ndovela uthe kuyinkinga nje ukuhlala nezibi endaweni ngoba lokhu kungadala ukugula ezinganeni nasemindenini eyakhele lendawo.
UNdovela uqhubeke wathi kuzomele kubizwe umhlangano lapho bonke abakhele lendawo bezohlangana kukhulunywe ngokulahla udoti emgwaqeni.
Lama lungu aze afaka ngisho uqwembe elishoyo ukuthi akulahlwa akulahlwa kelendawo.