Banxephezeliwe abamukelwa ngezikhathi zemvula

2017-12-14 06:00
PHOTOS: Precious GumedeAbomphakathi nemithwalo yabo yezinto abaziphiwe uMnyango (kusuka kwesobunxele) uNksz Xolisile Ngwazi, Nksz Irene Sima kanye noNksz Smangele Khowa.

PHOTOS: Precious GumedeAbomphakathi nemithwalo yabo yezinto abaziphiwe uMnyango (kusuka kwesobunxele) uNksz Xolisile Ngwazi, Nksz Irene Sima kanye noNksz Smangele Khowa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABOMPHAKATHI wase Nyandezulu kumawadi 24 kanye no25, eBhethani nase Bhomela baphume ngobuningi babo ukuzokwamukela izipho zesinxephezelo ebezifike noMnyango wezokuThuthukiswa Komphakathi (Department of Social Development) ngoMsombuluko ezinkundleni zaseBhuqu.

Baphiwe ukudla, izipontshi kanye nezingubo zokulala.

Amakhansela ezigceme zombili abekhona ukuzonikezela lezizipho kulaba abapheshukelwa futhi bathikazamiseka.

Ikhansela uNksz Nonsindiso Ngcobo olikhansela kuWadi 24 uthe inani labantu abathinteka kulezimvula likhulu kakhulu.

“Abanye balabantu bangenelwa izimvula ezindlini kwamanzi izimpahla zabo ngisho nefenisha. Bakhona nabanye abanikezelwe izipho yiwo uMnyango abakhethiwe ngenxa yokuba bahlwempu.

Nabo bazitholile lezizipho,” kusho uNksz Ngcobo.

Ikhansela likaWadi 25 uMnz Hoffrey Nyawose naye uthe impela lomsebenzi owenziwe abomnyango bebambisene nabo njengezithunywa zikamasipala iRay Nkonyeni Municipality muhle kakhulu.

Uthe emva kwezimvula ithimba lamakomidi amawadi liphuma lingena izindawo ngezindawo libhalisa labo abathintekile.

Babekhona nalabo abangatholanga lutho ngezizathu zokuthi babengabhalisile. Abanye akubaphathanga kahle neze ukugoduka bengaphethe lutho nomazisi babo ebekuthiwe ababaphathe.

Amakhansela abathembisile ukuthi ngokuzayo nabo bayohlomula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.