Banyuselwe umholo onompilo

2018-12-13 06:02

UMNYANGO wezeMpilo usuveze ukuthi sekunyuselwe onompilo imali yokumisa (stipend) etholwa abangaphansi kohlelo 10771 Community Care Givers lwesifundazwe abebethola uR1 500 kodwa sebezothola uR3 500 ngenyanga.

Ekhuluma emcimbini wokumemezela ngokusemthethweni ukunyuka kwemali yokumisa obuseMgumgundlovu, ngoLwesihlanu oludlule uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo uthulele isigqoko abangaphansi kohlelo i-10771 CCG lwesifundazwe ngomsebenzi oncomekayo abawenzayo ukunakekela abantu abahlwemphu.

Isimemezelo sikangqongqoshe sihlangane kanye nokusayindwa komthetho omusha ngumengameli wezwe, uCyril Ramaphosa we-National Minimum Wage Bill.

Laba onompilo baKwaZulu-Natal’s bohlelo lwe-Community Care Givers bavakashela abantu emakhaya futhi baphinde babanike usizo nlufaka phakathi ukubahlola, ukubabheka ukuthi bayayidla imshanguzo yabo yezifo ezibucayi kanye nezinye, ukubona kanye nokulandela laba abangayidlikahle imshanguzo yabo bese bebaluleka ukuthi bayidle ngendlela.

Kanti bahlola namantombazane anenimyaka engu- 15 kuya Phezulu ukuthi azizithwele yini.

Ungqongqoshe uDkt Dhlomo uthe, “ CCGs bebethola imali engu R1500, ngaphezu kokuthola imali incane kulomsebenzi onganag abawenzayo bebethi uma befika kwamanye amakhaya bathole ukthi ezinye zeziguli azidlile.

Kuloko okuncane abanako bebebathengela isinkwa noma amasi ukze lowo gogo akwazi ukuphuza amaphilisi. Kwesinye isikhathi bebebuye babathengele insipho ukusiza abantu abadala ngokubawashela izimphahla zokugqoka.

Manje ke labantu banobizo lokuthi basize ngisho isimo sinjani. Yingakho umnyango ubenezinkulumo nabasebenzi kwase kufikwa kwisinqumo sokuthi umholo asebezowuthola uR3500.”

“Kusukela ngoJuni kulonyaka bonke abasenzi beCCG besebethola uR3500, lokhu kuchaza ukuthi abebengayitholanga kusukela ngaleyo nyanga sebeyitholile.

Futhi siyasho ukuthi lokhu akusikhona okukugcina kodwa isiqalo. Lesi snqumo sibuyisa isithunzi seNingizimu Afrika ngoba ngeke ukwazi ukuhola imali engaphansi kwebekiwe,” kuvala uDkt Dhlomo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.