Baqwashiswe ngesifo abelaphi

2017-09-21 06:00

UMNYANGO weZemplo kuthiwa usuphume umkhankaso wokuba uhambe ufundisa abelaphi bendabuko ngesifo somdlavuza obizwa ngechildhood cancer. Ukufundiswa kwezinyanga kuqale eGamalakhe kwabe sekuqhubekelwa nakwezinye izingxenye zalesi sifunda.

NgoMsombuluko owedlule bekufundiswa izinyanga zaKwaNzimakwe ngalesisifo kanye nokuthi izimpawu zaso zibonakala kanjani kanye nokulashwa kwaso.

UMnu Thulani Zamisa ongusihlalo wabelaphi bendabuko iTraditional Healers Association nozifikele mathupha emahhovisi ephephandaba uthe kubalulekile ukuthi izinyanga zifundiswe kabanzi ngezifo ezithile. Uthi lokho kusiza kakhulu ekutheni zingalokhane ziqambela abantu zithi banamathongo kanti baziphathelwe izifo ezidinga odokotela noma izibhedlela.

Uthi kukhona izinyanga noma izangoma ezike zithi uma zibona ukuthi isifo asingangazo zivele zithi umuntu uyathwasa kanti akunjalo kufanele kube ngukuthi kulashwa isifo ngendlela efanele.

Ubonge kakhulu umnyango wezempilo ngokusebenza ngokubambisana nabo bengabelaphi ngoba lokho kubenza babone umsebenzi wabo wenziwa uba lula kakhulu kaunakuqala.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.