Basazodonsa kanzima abashayeli

2017-09-07 06:01

UKUQINA kwentengo kawoyela ezweni lonke kanye nokwehla kwerandi okulokhu kuqhubeke njalo kuyizinkomba zokhuthi izonyuka kakhulu intengo yazo zonke izinhlobo zokawoyela ngenyanga ezayo, i-Automobile Association (AA) ixwayise kanjalo ngeledlule.

Le nhlangano ibiphawula ngombiko wentengo kawoyela wamaphakathi nenyanga ongacwaningiwe nokhishwe yiCentral Energy Fund (CEF).

“Irandi selehle ngokungango-20 cents uma liqhathaniswa nedola kusukela ngokuqala kuka-Agasti. Khonamanjalo, imikhiqizo kawoyela emhlabeni wonke ilokhu iqhubeka nokuba sezingeni eliphezulu eyafika kulona ngokuphela kukaJulayi,” kusho i-AA.

“Lokhu kusho ukuthi zonke izintengo zikawoyela maningi amathuba okuthi zinyuke kakhulu ngokuphela kwenyanga.”

Intengo kaphethiloli yanyuka ngo-19c ilitha ngokuqala kuka-Agasti ngenxa yentengo ephansi yerandi uma ngabe liqhathaniswa nedola kanye nentengo ephezulu kawoyela.

Ngakho-ke ukuqagula kuka-AA kwamaphakathi nenyanga kuthi uphetheloli kulindeleke ukuthi unyuke ngo-63c, udizili wona ngo-57c bese kuthi uparafini wona unyuke ngo-58c.

I-AA iqagula ukuthi ukunyuka kwentengo kapharafini ikakhulukazi, kuzoba nomthelela ongemuhle emakhaya amaningi ngenxa yokuthi imindeni eminingi ithembele kuwona ukuze ipheke, ikhanyise bese iyazifudumeza.

Le nhlangano ithi abantu abasebenzisa izinhlobo ezahlukene zikawoyela kumele nakanjani balindele ukukhokha kakhulu kusukela ngokuqala kukaSepthemba.

– Luthunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.