Bathi akusukunyelwe ukubulawa kwamakhansela

2016-07-28 06:00
 AbeCosatu bekhulumela ubumbano lwezinhlangano, Mdu Danca ongunobhala (kwesokunxele) kanye noErnest Mkhize usihlalo.

AbeCosatu bekhulumela ubumbano lwezinhlangano, Mdu Danca ongunobhala (kwesokunxele) kanye noErnest Mkhize usihlalo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABEZINHLANGANO iCosatu, Sanco kanye nabe SACP bathi iANC kumele ilusukumele udaba lokubalawa kwamakhansela nezihlobo zamakhansela eqembu.

Esithangamini sabezindaba ebesibanjwe emahhovisini eCosatu edolobheni ePort Shepstone ngoLwesihlanu olwedlule, lezinhlangano zibikele abezindaba ukuthi angeke zithule zibukele abantu befa. Okhulumele iCosatu uMnu. Mduduzi Danca uthe bayaliseka iqembu lezepolitiki elibusayo iANC okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zingu 3 kuAugust, kepha abahambisani nendlela izinto ezenzeka ngayo.

“Ukhongolose kumele usukume ulwe nalezi zenzo,” kusho uDanca.

Uqhubeke wathi lezehlakalo zizophazamisa ukhetho lwentando yeningi.

“Njengezinhlangano ezibumbene sithi namaphoyisa awadlale indima yawo aqinisekise ukuthi lezi zigilamkhuba zibhekana nomthetho,” kusho uDanca.

Ubale abantu abangamalunga asebebulewe.

“UManqoba Ncane, udadewabo wekhansela uLubanyana, manje uBongani Sikhosana odutshuliwe naye endaweni yaseHarding. Emzinto bazamile ukubulala unobhala kaCosatu uSkhumbuzo Ngwane okukhombisayo ukuthi lolu hlevane lususwa ilolu khetho okuyiwa kulona. Lokhu kwehlisa isithunzi seqembu,” kusho uDanca.

UThanda Ncane we Sanco yena ugcizelele ukuthi nabo bayayiseka lenkulumo yeCoastu, wakhuthaza abantu ukuthi bavote.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.