Bayinqwaba osomabhizinisi abangekho emthethweni

2018-10-11 06:04

UMKHANDLU waseRay Nkonyeni usuveze ukuthi kunenqwaba yosomabhizinisi abangekho emthethweni okuvela ukuthi kababhalisiwe ngokusemthethweni. Lokhu kushiwo yiMeya yalo mkhandlu uCynthia Nomusa Mqwebu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ngoLwesibili olwedlule. UMqwebu uthi umkhandlu wasebenzisa ithimba elingaphansi kohlelo lwePublic Works Programme (PWP) ukuba baphume bebgena behlola ukuthi osomabhizinisi basemthethweni yini. “Ngesikhathi behlola bathola ukuthi yinqwaba yosomabhizinisi abangayikhokhi intela, futhi abangazikhokhi izimali okumele ziye emkhandlwini njengoba bengekho ohlwini losomabhizinisi. UMqwebu ube esenxenxa bonke osomabhizinisi ukuthi babhalise ingakashayi inyanga kaLwezi ukuze bakwazi ukuthi bangene ohlwini. “Kuyobasiza kakhulu lokho njengaba labo abazobe bengabhalisile bengazithola sebebhekana nengalo yomthetho,” esho.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.