Bazolutheza olunenkume abamba ngokungemthetho

2016-04-14 06:00
USomlomo waseMzumbe uMnu. Sizwe Ngcobo (kwesokunxele) nongqongqoshe wezoKumbiwa uMnu. Mosebenzi Zwane embizweni.Isithombe: precious gumede

USomlomo waseMzumbe uMnu. Sizwe Ngcobo (kwesokunxele) nongqongqoshe wezoKumbiwa uMnu. Mosebenzi Zwane embizweni.Isithombe: precious gumede

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezokumbiwa uthe uzobhekana ngqo nabambi bezimbiwa abangenawo amaphepha abagunyazayo. Ungqongqoshe walomnyango uMnu. Mosebenzi Zwane ukusho lokhu ngesikhathi ehambele indawo yaseMzumbe ehholo lomphakathi laseNdumakude kuWard 13 ngoLwesine olwedlule.

Inhloso yembizo ebibanjwe kulendawo bekuwuthi umnyango uphume uyozwa izikhalazo zomphakathi waseMzumbe.

Amakhosi, umphakathi, umkhandlu waseMzumbe, umnyango iEconomic Development and Tourism uphethwe uMnu. Mike Mabuyakhulu, umasipala woGu kanye nabaphathi bomnyango badingide zonke izinkinga zesihlabathi esimbiwa ngokungemthetho.

Iphini lemeya kamasipala Ugu uMnz Mondli Chiliza uthe umphakathi kumele uhlomule kulomhlabathi ombiwayo, kunokuthi ubukele amabizinisi ezenzela nje.

Okunye okuvelile ukuthi lezinkampanini ezithutha isihlabathi aziwahlonophi namakhosi ziyazingenela nje.

UNgqongqoshe uMabuyakhulu uthe kuyamthokoziza ukuhambela lendawo yaseMzumbe.

“Namhlanje sizokhuluma ngegugu lomnotho wethu izimbiwa. Kumele sibe nesu lokuthi izimbiwa zizowuthuthukisa kanjani umnotho wethu,” kusho uMabuyakhulu. Uthe lisekhona igebe kulabo abazuzayo kulezimbiwa njengoba nasekuqaleni abamhlophe yibona abebebambe iqhaza elikhulu kulemboni. Uthe lokhu kumele kushintshe.

Uqhube wathi isifundawe sonke kumele sazi ukuthi inani nomthamo wezimbiwa ezikhona kulesifundazwe lingakanani.

“Umphakathi nawo kumele uvule amabhizinisi uzisondelanise nezimbiwa uthole amaphepha angunyazayo ukuthi nawo uhlomule,” kusho uMabuyakhulu.

UNgqongqoshe weZokumbiwa yena uthe lezi zimbiwa zaseMzumbe zingashintsha izimpilo zabaningi.

UZwane uthe abantu kumele bazicabangele bafunde ukuvula amabhizinisi bayeke ukukhala ngokuthi izinkampani ziyazenzela nabo kumele bazibambele mathupha.

“Siyazi ukuthi nakhona la emphakathini isihlabathi niyasikha, ngalokho sekukhona nezikhalazo zokuthi amanzi adungekile ngoba zihlabathi sesimbiwe kakhulu, umfula usuyashona,” kusho uZwane.

Uqhubeke wathi izikhalazo uyazizwa ngakho ke ufuna ukuthi uma ebuya kulendawo, abuye sekukhona osomabizinisi abasha bezimbiwa.

“Sizobuya la emzumbe sizoqeqesha umphakathi ngezimbiwa nanokuthi amathuba amabhizinisi akuphi,” kusho uZwane.

“Ngodaba lwalabo abathutha isihlabathi ngokungekho emthwethweni sizobagijimisa,” kusho uZwane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.