Bezibuya emkhosini womhlanga

2018-08-02 06:01
Laba bebejabulela ukuba khona emkhosini wezintombi KwaNyuswa nguNks Petra Rickson no Nks Nomasonto Zondi IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Laba bebejabulela ukuba khona emkhosini wezintombi KwaNyuswa nguNks Petra Rickson no Nks Nomasonto Zondi IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNDLUNKULU wesizwe saKwaNyuswa esigodini saseNkulu uthi ukuhlolwa kwezintombi kuwusiko futhi indlela abafundisa ngayo izingane zamantombazane ukuziphatha.

UNdlunkulu ukusho lokhu ngesikhathi kunomgubho wezintombi KwaNyuswa esigodini saseNkulu ngoMgqibelo emini.

Uthe: “Sizofundisa izingane indlela yokuziphatha futhi lokhu kuwusiko olufanele,” kusho uNdlunkulu.

Lomgubho uhlelwa minyaka yonke kanti izintombi zisuke zizoziqhenya ngobuntombi bazo

Inhloso yalo mkhosi bekuwukulungiselela izintombi namatshitshi njengoba ziziya eMkhosini woMhlanga esigodlweni saseNyokeni ezinyangeni ezimbili ezizayo, nokuwafundisa indlela ekumele aziphathe ngayo njengoba beyizintombi. Kukhulunywe ngokuthi kumele bazithibe ocansini futhi babe nenhlonipho bazihloniphe nabo.

Enye yezinto ebezigqugquzelwa ukuthi baziqhenye ngemzimba yabo futhi bayithande.

Kulo mcimbi kuphinde kwanxuswa wonke amaKhosi asakhothama nasaphila ukuthi bavikele izimbali zabo ezizoya eMkhosini omkhulu woMhlanga kulo nyaka.

Kukhunjulwe amantombazane aseMzumbe lawa aba sengozini eyisibhicongo yebhasi ngonyaka ka-2013 ngesikhathi ebuya KwaNongoma.

Amantombazane abegcwele kulo mcimbi ephuma ezigodini ezahlukene zaKwaNyuswa kanti abukeke ekuthokozela lokhu.

Okunye okuphinde kwaba igugu kulo mkhosi ukubona abezinye izinhlanga bezothamela lolusuku olukhulu ezintombini kanye nokwesekwa kwalo mcimbi ngabe nhlangano yezokuvakasha i-Ugu South Coast Tourism.

UMnuz Maxwell Mhlongo ongumgqugquzeli ngaphansi kwale nhlangano uthe ukuphuma kwezintombi kanye nesasasa elikhonjiswa abezokuvakasha kusho ukuthi lo mkhosi uyakhula minyaka yonke futhi uyadlondlobala.

Kanti-ke kube sekudliwa inyama, izinsizwa nezintombi saviliyela zashaya ingoma kwakuhle kwaba njeya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.