Buyadida ubulili benja

2017-10-19 06:00
UHloniphani Mbili nenja yakhe enobulili obungaqondakali.

UHloniphani Mbili nenja yakhe enobulili obungaqondakali.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHUNGATHEKILE umphakathi waKwaMadlala kanye nomnikazi ngesimo senja yakhona enobulili obungaqondakali. Lenja eneminyaka emibili negama layo lingu Sissy lapho kumele engabe kukhona ubulili bendoda kukhona obesifazane. Bese kuthi ngasemuva kungabibikho lutho kube nje intsheshelezi.

Ngokujwayelikile inja yesifazane iba nento yokuchama ngasemuva kodwa kulena kuhlukile njengalokhu kungaphansi kwemilenze njengenja yesilisa.

Ngokusho komnikazi wenja uHloniphathi Mbili okumphatha kabi ngukuthi ezinye izinja ziyayiluma ngoba azikwazi ukuthola lapho zingaqhingelana khona nayo.

“Kumele ukuba bekwenzeka nasezilwaneni ilale njengabantu ngoba sesifikile isikhathi sayo sokuba iqale yakhe imibudlwane,” kusho lomama.

Abanye bathi ukuba lenja yayingumuntu ngabe isibuya nasemhlangeni ngoba phela ayikaze iqale ngenxa yesimo sayo.

“Izolala kanjani noba phela ayikwazi ukubheka phezulu ayisiyena umuntu futhi kusho ukuthi ifana nezesilisa uma isimo sayo sikanjen,” kuchaza yena.

Ngokocwaningo lwabe Vet PM izimo ezike ziholele ekutheni izinja zingabi nobulili obuqondile zike zenzeka ngesikhatho inja ingakazalwa sanhlobo. Futhi nendlela eyenza ngayo izinto ike ibonise ukuthi ayiqondile kahle.

Bathi ingabonakala ngokuthi lapho kumele inja kungaba khona ubulili obuthile kutholakale ukuthi akusiyibo kodwa ngobunye.

Baphinde baveze nokuthi njengalokhu lesi kuyisimo esingajwayelekile kuke kube nzima ukuthi kube yinto ethola ukunakekelwa kalula kanye nokulashwa ngaphandle kokuba kwenziwe imizamo yokuthi isilwane sitholiswe imidlwane ngandlela thizeni

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.