Enza izwi lakho lizwakale

2016-03-31 06:00

INTANDO yeningi eyafika neqembu likaKhongolose ngo 1994 yanika wonke umuntu waseNingizimu Afrika ithuba eliyingqayizivele lokuthi asebenzise ivoti lakhe ukuveza umbozo wakhe. Isisho sithi “ivoti lakho liyizwi lakho”. Kuyiqiniso impela ngoba ilo Kanye ivoti lakho osho ngalo ukuthi ubani omukumele angene emandleni kuhulumeni.

Umsebenzi awupheli ngokuvota nje kodwa uyadlulela ekutheni uyalilusa yini lelovoti lakho ngokuqinisekisa ukuthi loko okumele kwenziwe kuyenziwa. Abantu qobo lwabo banguhulumeni. Yingakho kumele baphumele obala bakhulume ngaloko abafuna ukuthi kwenzeke emiphakathini yabo.

Lesisikhathi kuhulemeni wasemakhaya yisikhathi sokuhlela isabelo mali sonyaka omusha. Unyakamali wethu uphela ngo June uqale ngo July wonyaka omusha. Kumanje siphume uchithisaka singuMasipala waseMzumbe ohlelweni lwezimbizo zikaMeya ezaziwa ngokuthi IDP Budget Roadshows. Izo Kanye lezimbizo ekumele wena njengesakhamuzi sazeMzumbe okumele ufike usho ukuthi yini kahle hle oyidingayo. Kumele basebenzise izwi labo ukukhuluma nathi njengoMasipala ukuthi nhloboni yentuthuko abayidingayo endaweni yabo. Loko kuzokwenza ukuthi imali ekhona sikwazi ukuthi siyaba kanjani.

Zikhona izinhlelo ezithatha iminyaka ukwakhiwa njenge Nkanini Indoor Sports Centre, Ntelezi Msani Heritage Centre okungukuthi isabelo mali sazo lezizakhiwa zifakiwe ezinhlelweni zeminyaka.

Bese kuba khona imigwaqo, amaholo, amabhuloho nokunye okuyintuthuko ekumele sikwakhe ezindaweni iyona le esifisa ukuthi basethulele. Ikhona lapho futhi sizothola khona ukuchezeleka ngezinto esasizicelile phambilini kodwa esingakaziboni. Sizokwazi ukuthi kwenzakalani ngazo.

Leli ithubo lokukhuluma ngqo nohulumeni umubheke ezinhlamvini zamehlo usho loko okukushisayo ngaphakathi. Imicimbi yethu ihamba ngamaqoqo (cluster) amawadi. Bheka ukuthi iza nini ngakini. Xhumana neKhansela lakho ngezinto zokuhamba.

Usuku Indawo Isikhathi Amawadi

23 March Ward 17/MPCC 9:30am 17

31 March Ndunge Grounds 9:30am 16

1 April Magwaza Grounds 9:30am 09

5 April Nguza Hall 9:30am 02

6 April Bhanoyi Hall 9:30am 07

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.