Yazi ezweni esiphila kulo
Kunzima kanjani.
Impilo Inzima emhlabeni esiphila
Kuwo kanti nezilingo ziningi.
Emhlabeni kunzima abantu
Sebaphelelwa onembeza,
Abantu sebaphenduka izilwane.
Sihleli nje phela ngoba isemhlabeni kodwa
Sinalo ithemba lethu okungu Mdali.
Kwanyoka zidlana zodwa,
Asibambisane Bantu
Base Afrika izilingo ziningi
Emhlabeni esiphila kuwo.
Emhlabeni Mdali kunzima,
Izilingo ziningi.
Mihla Namalanga kuchitheka igazi
Kanti kwenzenjani ezweni lakithi.
Kwaphela unembeza kubantu,
Kubulawana ngesihluku,
Kanti igama elisho Ubuntu
Lichaza ukuthini?
Bathethelele Baba abazi nabo benzani.
Sengichithe zonke izinsuku,
Ngachitha sonke isikhathi
Ngibuka ngibheka izimo
Ezenzakala emhlabeni,ngase
Ngehlelwa izinyembezi ngathatha ipeni nephepha ngayibhala lenkondlo.
Ukubulawa komuntu akusamangazi kakhulu, sekuyinhlalayenzeka,
Sekwaphenduka isitayela
Nabesifazane sebaphenduka
Amadoda,awusakwazi
Ukuhlukanisa umuntu wesilisa nowesifazane.
Inkukhu iyawusila umbila,
Ngiyasho ngiyasho ngiyaphindelela
Mhlampe khona la sona khona kuMdali. Kungabe ulaka lwaMdali lwasehlela.
Sengivesane ngacasuka
Ngayibhala lenkondlo kodwa
Ngiyazi ngeke bayishintshe
Imiqondo yabo, phela
Bayazivuma ukuthi bawophunyuka
Bemphethe futhi sebahlula.
Ngokwenza okubi omubi uyajabula,
Mihla namalanga sithi sizowanyathela
Amadimoni kodwa sengathi yiwo
Anyathela thina ngezenzo zethu.
Emhlabeni Mdali kunzima,
Bathethelele Mdali abazi benzani.
-Ibhalwe uSizolwethu Mngoma