Ibandla lixasa abesifazane ngezangasese

2016-09-29 06:00
 Ubuholi baseMerlewood Secondary, othisha, abafundi kanye nabazalwane bebandla iBlessing Connection Bible Church ngesikhathi kunikezelwa ama-pads kubafundi.

Ubuholi baseMerlewood Secondary, othisha, abafundi kanye nabazalwane bebandla iBlessing Connection Bible Church ngesikhathi kunikezelwa ama-pads kubafundi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBANDLA laseBetania, iBlessing Connection Bible Church lizibophezele ukuba lisize emphakathini nasezikoleni. Abesifazane baleli bandla ngaphansi kwobuholi bukamama umfundisi walo uNkk Sthabile Dlamini, basungule ithimba elibizwa -Unusual Women. Leli thimba lihlanganisa abesifazane bebandla asebekhulile kanye nentsha elizobhekelela izidingo zabesifazane ezikoleni nasemiphakathini ngokuthi libathengele ama-pads. Lelicebo liqhamuke emva kokuthi umfundisi weBandla uMnu Sifiso Dlamini ehambele umhlangano eMerlewood Secondary lapho ezwa uthisha uNkz Slondiwe Mazubane ekhuluma ngezinkinga ababhekana nazo esikoleni, ikakhulukazi zamantomabazane.

UNks Mazubane uthe esikoleni baye babhekane nenkinga lapho amantombazane aye afike kubona ekhala eya ezinsukwini engalindele, azibone esengcolile esikoleni.

Uthe kwezinye izikhathi labafundi bamantombazane bakebaye esikoleni befake i-toilet paper ngoba bengenayo imali yokuthenga ama-pads.

“Emhlanganweni emva kokwethula lenkulumo, umfundisi uDlamini waxhumana nami wathi ibandla lakhe lingakwazi ukusiza. Emva kwalokho ngabhala incwadi yesicelo sama-pads ebandleni lakhe nangempela abe Unusual Women bafikile esikoleni besilethele ama-pads,” kusho uMazubane.

Uthe kube yintokozo enkulu ukubona lebandla lusukumela lolu daba.

Okhulumele ibandla uMfundisi Sifiso Dlamini uthe kwamthinta kakhulu ukuzwa ngadaba lwezingane eziphazamisekayo esikoleni ngenxa yokungabi nawo ama- pads.

“Ngawuthanda kakhulu lombono, ngabona ukuthi kungumbono omuhle wokubuyisela emphakathini njenge bandla,” kusho uMfundisi uDlamini.

Uqhubeke wathi zintathu izikole ezikhethiwe abazosebenzisana nazo kubalwa iMerlewood Secondary, iMakhanda neNgwemabala High School.

“Liqalile ithimba lahambela isikole saseMerlewood Secondary ezinsukwini ezedlule. Impela umphathi wesikole nabafundi bathokoze kakhulu ngesikhathi benikezelwa ngalezi zinsiza.”

UMfundisi uDlamini uthe zizolandela maduzane ezinye kanti loluhlelo luzoqhubeka.

“Njengebandla sizoluqhuba lolu hlelo ukuze izingane zizofunda zingaphazamiseki.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.