Ikhothame ngokukhulu ukuzuma inkosi

2016-06-02 06:00

KUSHAQISILE abaningi ukukhothama kwenkosi uZiwengu Saul Lushaba yesizwe sasoShabeni. Ongqongqoshe, abemikhandlu kanye namanye amakhosi ezizwe ezingaphansi kwesifunda Ugu bathi lezi zindaba zibethusile.

Ungqongqoshe woMnyango weZokubusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk. Nomusa Dube-Ncube uthe zibuhlungu kakhulu lezindaba azithole ngoLwesine ngokudlula emhlabeni kwenkosi. Uthe akulahlekelwanga indawo yasifunda Ugu kuphela kepha iKwaZulu-Natali yonkana,

Uthe Inkosi uLushaba bekuyindoda ebihola isizwe sayo ngobukhulu ubuqotho nangendlela efanele. Inkosi uLushaba ayigulanga kepha yavuka ikhala ngezinhlungu ezifana nesibhobo ngoLwesithathu ekuseni. UDube-Ncube uthe Inkosi uLushaba ibingumuntu obesebenza ngokuzimisela kanti ukudlula kwayo kushiye igebe elikhulu.

“Inkosi ibingumuntu obengumholi ubeqikelela ukuthi abantu besizwe sakhe bayathuthukiswa, hhayi emphakathini wesizwe sakhe kuphela kepha kuyona yonke imiphakathi. Abezomdabu balahlekelwe iqhawe ebelihamba phambili kwezomdabu. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe,” kusho uDube-Ncube.

Uthe emndenini wakwaLushaba babuhlungu futhi bazwelana nabo okubalulekile ukuthi bazi ukuthi uNkulunkulu unabo, ungamandla futhi uzobanika amandla okudlula kulesimo esinzima ababhekene naso.

“Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula,” kusho uDube-Ncube. Abomkhandlu iHibiscus Coast Municipality bayile ukuyovela ekhaya lwakwaLushaba ngoLwesine ntambama. Umeya wonkhandlu uhambisane noNgqoNgqoshe wezoKuhlaliswa Kwabantu uRavi Pillay. Bathe ngolwesithathu bebenayo Inkosi uLushaba ingenalutho ukuyovula izindlu khona endaweni yasoShabeni. lokhu okwenzekile kumshaqe kakhulu.

“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo esizweni sasoShabeni nasemndenini, alwehlanga lungehlanga,” kusho imeya uNkk. Nomusa Mqwebu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.