Ilembe Business Consultants ligumba iminyaka eyishumi

2017-03-23 06:03

UMNU Mpilo Radebe ubungaza iminyaka eyishumi ibhizinisi lakhe Ilembe Business Consultants labakhona. Uthi noma izinto sezihamba kahle kodwa eminyakeni edlule bekunzima elibambe ngamazinyo ukuze lingashabalali.

Leli bhizinisi lakhe waliqala ngonyaka we-2006 kanti ngaleso sikhathi wayengenayo ngisho nendawo yokusebenzela, esebenzela ekhaya engenayo nekhompyutha. Uma edinga internet kwakumphoqa ukuthi aye kuma-internet cafe. Akaphelanga amandla waqhubeka kunjalo kwaze kwathi ngonyaka we-2008 wathola ihhovisi elincanyana lokusebenzela, waqhubeka nokuzabalaza kuthe ngonyaka we-2010 wathola ihhovisi elikhulu ngokwanele asasebenzela kulona namanje. Ngonyaka we-2014 wavula elinye ihhovisi ePortshepstone elisebenze isikhashana lavalwa ngonyaka ka-2015 ngenxa yokugxila kwamanye amabhizinisi kodwa usephinde walivula futhi kulonyaka nathe unesiqiniseko ukuthi ngeke asalivala ngoba kuningi asekufundile ngokuvula amahhovisi amasha.

URadebe uneziqu ze-National Diploma in Cost and Management Accounting azithola eMangosuthu University of Technology . Uke wasebenzela inkampani yama Accountants nase-Ethekwini College kanye nakwa-Nika Solutions nokuyilapho kuzaleke khona Ilembe Business Consultants. Ziningi izinselelo abhekane nazo kanye nezifundo azifundile kuleminyaka eyishumi,

Ngokusho kukaRadebe uthi ngokocwaningo u80% wamabhizinisi uvame ukushabalala eminyakeni emihlanu yokuqala kuthi u-20% osele nakuwo kuphinde kushabalale-10%. Kanti lokhu kwenziwa ukungabi nalo ulwazi olwanele kwezamabhizinisi .

“Kunomehluko phakathi kukasomabhizinisi nomuntu ozisebenzayo. Usomabhizinisi uqeqesha abantu abazokwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngaphandle kwakhe. Umuntu ozisebenzayo uzibambela mathupha. Umuntu onebhizinisi kubalulekile ukuthi akhethe phakathi kwalokhu kokubili,” kusho uRadebe. Uthi sekukaningi kufika osomabhizinisi kuyena bezobhalisa amabhizinisi abo, uma ebabuza ukuthi bafuna ukwenzani bavele bathi yonke into.

“Abantu kumele bagxile kuhlobo olulodwa lwebhizinisi ngesikhathi , kuze kube bayaphumelela bese bedlulela phambili. Lokho kuzobe sekwenza ukuthi bakwazi ukubheka amanye amathuba amabhizinisi,” kusho uRadebe.

URadebe umema yonke imifelandawonye enenkinga yokuthola uxhaso lwemali kuhulumeni ukuthi ixhumane naye ayisize. Uphinde wacela namakhansela omasipala baKwaZulu-Natal ukuthi basebenzisane naye, babe nezithangami zamabhizinisi njengoba ekholwa wukuthi lokho kungalekelela ekuletheni intuthuko kubantu. “ Sazisa izakhamuzi zase Portshepstone namaphethelo ukuthi sizoba nezithangami zokululeka osomabhizinisi ezindaweni abahlala kuzo. Amakhansela abo azobazisa ngezinsuku esizobavakashela ngazo” kuphetha uRadebe. Ilembe Business Consultants linezipesheli zokugubha iminyaka eyishumi labakhona. Imininingwane yokuxhumana ne Ilembe iyatholakala kulesikhangisi esingezansi. Imbila yaswela umsila ngokuyalezela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.