Imbongi encane isizakhele igama

2018-11-15 06:02

KWAMUPHA ugqozi nobufugufugu uSizolwethu Mngoma lokuthi aqale abhale futhi ahaye izinkondlo emva kokuzwa imbongi ibongele iNkosi yamaNazaretha.

Lomfama oneminyaka engu-16 uveze ukuthi ungumuntu othanda ukubhala futhi ahaye izinkondlo ngolwimi alincela ebeleni, isiZulu. “Ngingumuntu othanda ukubhala ngiphinde ngihaye izinkondlo zesiZulu,ukuqala kwami ukungena emkhakheni wezinkondlo ngaqala ukuzwa imbongi uGumbi ebongelela iNkosi yamaNazaretha, ngayithanda lembongi nami ngaqala ngabhala zami lapho ngihaya esontweni,” kuchaza yena.

Lembongi esencane edabuka eCabhane ithe abantu bawuthanda kakhulu umsebenzi wakhe, “Ngazuza indondo kwiNkomfa eyayibanjelwe eMthwalume ehholo lase Sibanini lapho kwakuqhudelana intsha yamaNazaretha ebizwa ngeNABACHU.”

Lo mfundi waseSibongimfundo High School uthe waqhubeka nokubhala izinkondlo waze waqala nokuzihaya esikoleni. “Uthisa wami uNkosikazi Sihlahla wathanda ukungihambisa emsakazweni UGU youth radio nalapho ngafike ngenza engidume ngazo. Ngaqhubeka njalo ngibhala izinkondlo waphinda uthisha wami wafisa ngiphinde emsakazweni Radio Sunny South,ngaphinda ngajabulisa abalaleli kanye nomsakazi wohlelo lasekuseni uPhilani Gcaba,” kusho yena.

Ube esebonga umsakazi kanye nothisha wakhe ngokumseka ekwenzeni itho ayithandayo. “Ngizombonga uMsakazi kanye nothisha abangikhuthaza ukuthi ngingagcini ngokulandelwa ngemumva kepha kube yimi engicela usizo. Azikho ziningi izindawo engisazihambele kodwa emicimbini ngiyafika ngizojabulisa abantu,” kubeka uSizolwethu.

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngalembongi esencane ungayithola kwinkudla yezokuxhumana uFacebook, ngegama elithi Sizolwethu Imbongi Yakwa Mngoma kumbe kumbe enombolweni ethi 0781155444.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.