Injabulo bephase kahle abafundi baseGamalakhe

2019-01-17 06:02

Abafundi bakamatikuletsheni baseGamalakhe Commercial High School baphumelele kahle nyakenye kwibanga leshumi. Lokhu kushiwo nguthisanhloko wakulesi sikole, uMnumzane Vusi Myeza, ngesikhathi kuphuma imiphumela ngoLwesine olwedlule.

UMnuz Myeza, obebonakala ebusweni ukuthi ugajwe yinjabulo, uthe yize isibalo sabafundi abaphumelelile kulesi sikole sehlile kodwa usazishaya isifuba ngabafundi bakhe futhi usaziqhenya nangesikole sakhe.

“IGamalakhe Commercial High School iphase ngo 82,5% ngonyaka ka-2018.

Lehlile izinga lokuphasa ngoba ngonyaka ka-2017 sahlomula u 86% wabafundi abaphumelela kamatikuletsheni.

“Kepha lokho akusidumazi ngoba ngeke sihlale sithola imphumela emihle njalo ngoba abafundi abafani,” kusho uMnuz Myeza.

Uqhube wathi baziqhenya kakhulu ngabafundi baseCommercial abasebenze ngokuzikhandla okubalwa kubo uLondeka Dlamini, ohlumule o-A abayisikhombisa ebekade enza izifundo zeMaths neScience, kanjalo noZanele Khawula ohlumule o-A abayisit-hupha.

Lo thishanhloko uthe kulo nyaka ka-2019 kulokoza inhlasi yethemba futhi uyakholelwa ukuthi imiphumela yakulo nyaka izobamihle kakhulu. Uthe waphawula ngemiphumela yakhe uZanele wathi: “Bekungelula ukuhlomula le miphumela.

Kepha ngomusa kaNkulunkulu, ukwesekwa abazali, nesineke sothisha silana namuhla yikho ngingenawo ngisho amazwi.”

Omele uMnyango wezeMfundo neGamalakhe Circuit Office, uMnuz Simon Shusha, uthe bewuMnyango bayaziqhenya ngokusebenza ngokuzikhandla kothisha, abafundi, othishanhloko kanye nomphakathi.

“Ingane ayikhuliswa umzali eyedwa kepha ingane ikhuliswa ngokubambisana kwabazali, isikole kanye nomphakathi.

Abafundi abanjengoLondeka Dlamini, Zanele Khawula nabanye esingabazi ngamagama, bayisibonelo esihle kubafundi abasazodlula kuleli banga leshumi,” kubeka uMnuz Shusha.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.