Isaziso somphakathi

2016-12-08 06:01

UMPHAKATHI wase Gamalakhe namaphethelo uyaziswa ngoshintsho oluzoba khona esiteshini samaphoyisa.

Okhuluma amaphoyisa uColonel Lieutenant Zandra Wiid uthe amaphoyisa azosuswa lapho esebenzela khona afakwe ezakhiweni sezikhashana esikhona lapho ngaphakathi esiteshini ngoMsombuluko ziyi-5 kuyona lenyanga, ngakho ke izingcingo zokuxhumana namaphoyisa ngalolo suku zizophazamiseka.

UWiid uthe isizathu salokhu ukuthi kuqhubeke nokwakhiwa kwesiteshi esisha samaphoyisa okuqhubekayo khona.

“Sicela umphakathi ubekezelelane namaphoyisa kulolushintsho. Izingcingo zilindeleke ukuthi zibuyele esimweni esijwayelekile ngalolosuku ntambama,” kusho uWiid.

Uqhubeke wathi umakukhona imibiko ephuthumayo kungathintwa abaphathi besteshi uKapteni Mpinge ku 082 417 7141, noma u-Vispol Commander, uKapteni Shusha ku 079 696 3648 noma uMseshi Strydom ku

082 809 0352.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.