Isukaphi indaba kaKhisimuzi?

2015-12-24 06:00

NGIHLALE ngikhala njalo ngokuthi abantu abaningi bazifaka emikhubeni abangayiqondi ukuthi yasungulwa ubani kwakuthi ichaza ukuthini.

Kulesikhathi sonyaka abantu abaningi bathola ithuba lokuphumula emisibenzini eminingi abayenzayo bethi gozololo okwesikhashana kusongwe unyaka bese bephinde bekususa loko.

Njengengqapheli ezigcobile nginako ukunaka nezinto iningi labantu elizishaya indiva. Lento kaKhisimuzi angiyizwa kahle futhi angiwugubhi mina uKhisimuzi kepha ngithokozela iholidi nje nokuhlangana nabantu abaningi emndenini wami engingavamile ukubabona ngenxa yomsebenzi.

Sengihogele kaningi umkhondo ngomsuka kaKhisimuzi lo okuthiwa usuku okazalwa ngalo inkosi uJesu Kristo waseNazaretha olugujwa njalo zingamashumi amabili nanhlanu kuZibandlela.

Iningi lamabandla angamaKristu ayalugubha lolu suku lokuzalwa komsindisi wabo beze baqhoshe ngokuthi umhlaba wonke uyalubungaza lolu suku yize umphika uJesu. Kunabantu abaningi esengike ngahlala nabo bengixoxela ngoJesu abanye babo sebebuya khona ethuneni lakhe lapho angcwatshwa khona kwa-Israyeli.

Abantu bakwa-Israel bathi cha uJesu akazalwanga kuZibandlela ngalolu suku kepha abantu abaqoka lolu suku ukubungaza ikhefu lokusongwa konyaka kodwa akulona usuku lokuzalwa lukaJesu.

Uma kubhekwa ngokomlando oshicilelwe eBhayibhelini, kungenzeka ukuba uJesu wazalwa phakathi kukaNcwaba noMandulo.

Kuningi ke nokho esikudlayo namuhla esingakubuzi ukuthi kuvelephi, njengalezinkophe zokufakelwa nemisila yamahhashi exhunywa osisi emakhanda…angikho-ke lapho.

IBhayibheli likubeka kucace ukuthi iSabatha lingoMgqibelo kodwa iningi lamaKristu lilibungaza ngeSonto. Izinsuku zesonto ngesingisi zibizwa ngokuthi uMonday, Tuesday, Wednesday, Thursday, Friday, Saturday kanye neSunday.

Angikaze ngizwe noyedwa umuntu ezixaka ukuthi azi ukuthi ziqanjwe kanjani lezinsuku. Nansi inselelo aniyifakele izibuko ukuze nazi ukuthi izinsuku zesonto ngesingisi zisuselwephi futhi zisho ukuthini.

Ukuniluma indlebe nje, ziyakhuluma. Njengalo mkhuba wendoda enentshebe emhlophe namajazi abomvu agqize ngokumhlophe.

Nibe noKhisimuzi omuhle mina ngizobe ngiyitshukutsha kuze kuse ekhaya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.