Ithuthukisa amakhono entsheni i-039

2018-05-17 06:01
IZITHOMBE: INSTAGRAMOmunye wabasunguli uMsa Khowa eqoba inyama, kweminye yemicimbi yaseKasified Eksperience.

IZITHOMBE: INSTAGRAMOmunye wabasunguli uMsa Khowa eqoba inyama, kweminye yemicimbi yaseKasified Eksperience.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ILOKISHI laseGamalakhe liyilokishi elidala kepha ebebelingenazo izindawo eziningi zokuzijabulisa.

Abesilisa abahlanu base Gamalakhe babona kuyisu elihle ukuthi besungule i-039 Kasified Eksperien© ukuze indawo yase Gamalakhe ifane namanye amalokishi lapho intsha ikwazi khona ukuzijabulisa futhi iveze amakhona ayo.

Le ndawo evulwe esakhiweni esidala esibizwa ngokuthi yi-Bar endala eyasihleli iminyaka ingasetshenziswa, kepha ngobucule balabalisa bakwazi ukuyivusa lendawo.

UMnuz Ayanda Masengemi, uMnuz Cebo Cebekhulu , uMnuz Musawakhe Khowa, uMnuz S’fiso Mbambo noMnuz Mpilo Shusha bathe lendawo ihlose ukunikeza intsha inkundla lapho ingakwazi khona ukuveza amathalente ayo futhi nalabo abanomqondo wamabizinisi bakwazi ukuvula amabizinizi abo basebenzele khona e-039 Kasified Eksperien©.

Okhulumela leli thimba uMnuz Msa Khowa uthe :

“Okunye esakuthola ngalendawo ukuthi kwakwi yona ndawo eyayi khiqiza iphinde idayise utshwala besiZulu obubizwa nge-Juba, okuwutshwala obujwayelekile emalokishini ngezikhathi zaphambilini futhi lokho kuwumlando welokishi lethu.

“Lendawo isungulwe ngonyaka odlule ngo-October ngesikhathi sihlangana siyoxoxa siveza imibono yethu kwaba wukuthi sonke sinemibono nemicabango efanayo”

I-Kasified Eksperien© iyindawo evumela imicimbi eyehluka hlukene. Esikhathini esiningi kuba khona ama-park and braais, lapho abantu befika ngezimoto zabo bose inyama edayiswa khona ngaphakathi noma baziphathele eyabo.

“Ngesikhathi kosiwa inyama kuphuzwa neziphuzo kuba khona o-DJ bakhona la eGamalakhe abatshengisa ithalente labo bejabulise abantu.

“Le ndawo ivulwa njalo ngeSonto kanti kwesinye isikhathi kubakhona amabhizinisi amancane afikayo azokhangisa imikhiqizo yawo, lokho kuyalithuthukisa ilokishi lethu njengoba abaculiabaningi ababsafufusa bebaningi kulendawo.

“Ngokuvula lendawo sakhe amathuba omsebenzi njengoba kuqashwe amalungu omphakathi aba kilina indawoesibaholela njalo emva komcimbi.

“Siphinde sibe nalabo abasixhumela izinsibi [sound engineers] nabo siyabaholela.

“Sifuna ukufana nezindawo zakwamanye amalokishi afana noMlazi njengoba khona kunezindawo ekuthiwa ikwaMax naseYadini, iGamalakhe yona ke ine 039 Kasified Eksperien©.”

“Sithanda ukuthi intsha ixhumane nathi uma inemibono emihle engathuthukisa lendawo iphinde ithuthukise intsha yethu.

Bengaxhumana nathi kwikhasi lethu le-Facebook elithi: - 039 Kasified Eksperience noma ku-Instagram: ekhasini elithi: Kasified Eksperience.

“Sinezingubo esizikhiqizayo ezenziwa yimina [uMsa Khowa], amajakhethi awuhlobo lwama-Hoodie atholakala ngo-R300. Izingubo zabesifazane ezinezigqoko nazo zibiza u-R300. Sisezinhlelweni zokwakha izigqoko nezikipha.” Umcimbi ozolandela osudume kakhulu obizwa ngokuthi yi-Kasified Spin Fest uzoba ngomhla ka-19 kuNhlaba (May), lapho izimoto zizobe zishaya isidudla ozobe uholwa uMnuz Mzamo Mkhwanazi wase Gamalakhe ehambisana nabanye abadlalisa isondo bakhona la eKwaZulu-Natal.

Ikhona neminye imicimbi esazoba khona ehlose ukunyusa isikwama semali sokusiza labo abantulayo emphakathini.

“Sizophinde sibe nomdlalo webhola lezinyawo. Uma uthanda ukwazi kabanzi ngawo xhumana nathi ekhasini lethu ku-Facbook.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.