Iyaqhubeka eyomkhankaso iThuma Mina

2018-11-15 06:02

UMASIPALA waseRay Nkonyeni uveze ukuthi uzosebenzisa lesi sikhathi se-Izimbizo ukwethula umkhankaso obizwa ngokuthi Thuma Mina Campaign, owathulwa ngumengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni kuwona lonyaka.

Lo masipala uthe iThuma Mina Campaign ixhumene nezimbizo ngenxa yokuthi imiphakathi izothola ukwazi kabanzi ngalomkhankaso.

Kuthiwa lomkhankaso weThuma Mina Campaign unezakhi ezintathu ogxile kuzona okubalwa ukwakha ubudlelwano nomphakathi, ukugqugquzela ukuphatha kanye nokuzwana emphakathini.

Namhlanje lomkhankaso uzohambela erenki yamatekisi asemargate lapho uzogxila khona ku-Ext 5 kanye no-7. Ukuvakashelwa kulendawo kuzobe kunikezelwa izincwajana ezikhuthaza ukukhokhelwa kwemisebenzi kamasipala futhi kugqugquzelwe ukuthi babhalisele ukuxhaswa laba abampofu.

Kuzobe sekulandela uhlelo lokulungiswa komgwaqo olubizw ngokuthi iPothole Pepair Program oluzoba seCauariana Road eMargate, mese usuku luvalwa ngeMbizo ezobanjelwa ehholo Uvongo.

Ngomhlaka 09 November 2018, umasipala uzohlola umsebenzi wokumuncwa kwamanzi endaweni yese-Sea Park ku-Ward 6 kanye nokuhlanzwa kwamathuna ase-Albersville ku-Ward 12, kuzobe sekuthi ekugcineni kubanjwe Imbizo iCluster 7 eProtea Park Hall.

Umasipala uzovakashela erenki yamatekisi aseZingolweni ngohlaka 12 ukuyobheka ukusebenza okungahambisani nengalo yomthetho, kulandelwe umkhosi wokukhanyiswa kweHighmast kuWard 32 mase ivalwa nneMbizo ezobanjelwa ehholo Endimeni.

Njengengxenye yalomkhankaso, kuzovakashelwa ikhaya labadala iNtokozweni Village kuthi ngakusasa kubhekwe ukuthi isimo sezinkinga ezaphakanyiswa ngeMandela Day, mase kuthi kuba nomkhosi wokukhanyiswa kweHighmast kuWard35. Usuku luzovalwa ngeMbizo ezoba seGigaba Hall.

Ngomhlaka 14, ikhansela uNomusa Mqwebu uzovula ngokusemthethweni umkhosi wokukhanyiswa i-Highmast kuWard 34, ezolandelwa Imbizo ezobanjelwa eWosiayana Hall.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.